EzakamuvaIBetway Premiership

Abadlali abasha boSuthu bazizwa besekhaya eThekwini

SIHLE NGUBO

AmaZulu FC aseqinise iqembu ngabadlali ababili abasebancane, njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali likaJanuwari.

Usuthu luveze ukuthi selusayinise uLuyolo Slatsha, oneminyaka engu-22, obedlala kwiCape Town City, egijima kwiMotsepe Foundation Championship.

Akahambi yedwa njengoba efikisane noGustavo Lopes, oneminyaka engu-24, ongowokuzalwa eBrazil, ofike kuMaZulu evele kade engenalo iqembu.

USlatsha, odabuka eQonce nodlala esiswini, uzwakalise ukwenama okukhulu ngemuva kokusayina kuMaZulu, ebalula imfudumalo ayificile.

“Ngemukelwe kahle kakhulu kuze kube yimanje,” kusho uSlotsha.

“Kuyisimo esivulelekile lapho ubudlelwano phakathi kwabaqeqeshi nabadlali bubuhle kakhulu.

“Ukuxhumana kuvulelekile, kuqondile, kuthembekile futhi kuyaphoqa ngokwezinga elilindelwe ukuncintisana kwiligi.

“Konke kuqondile esikwatini – abanamava, abadlali abaziwayo nalabo abanekhono abasebancane.

“Ngikholwa ukuthi leli qoqo lingakwazi ukwenza into ekhethekile. Into engibeke umqondo kuyona ukuzinza eqenjini bese okunye kuzozilandelela.”

ULopes ungumdlali wasemuva onekhono oke wadlalela iqembu laseMozambique, iClub Ferroviário de Beira.

Lo mdlali unethemba lokusheshe azibonakalise yize esenesonto elilodwa kuphela eThekwini, ngaphambi kokuqala isahluko esisha kwiPSL.

“Ibhola laseNingizimu Afrika liza nengcindezi futhi liyalandelwa nangaphandle kwezwe,” kusho yLopes.

“Lihle, kudlalwa ibhola elihle futhi lokho kulula ukukubona. Ngemukelwe kahle selokhu ngifikile futhi sengibonile ukuthi izinto zihleleke kanjani eqenjini.

“Izinto zihleleke ngendlela eqinile lapha futhi yonke into yenziwa ngokuqondile. Ngicabanga ukuthi leli yiqembu elingazuza lukhulu.”

AmaZulu azobuyela emidlalweni yeBetway Premiership ngokubhekana neTS Galaxy, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJanuwari 25, ngo-3.30 ntambama.