Ezakamuva

‘Kwakunzima ukushiya (iPirates),’ kusho osedlalela iChiefs

SIHLE NGUBO

Abadlali abashiya i-Orlando Pirates baye kwiKaizer Chiefs, ababaningi kakhulu futhi bayazi ukuthi leso senzo sishiya izinkulumo eziningi kubalandeli.

Zibe khona izinkulumo ngesikhathi uPaseka Mako noThabiso Monyane bejoyina iChiefs ngoJuni nyakenye, kulandela ukungavuselelwa kwezinkontileka zabo kwiPirates.

Abanye abalandeli bagxeke iPirates ngokudedela laba badlali, ikakhulukazi ngoba bathathwe yizimbangi zabo ezinkulu iChiefs.

UMako useveze ukuthi kwakunzima kakhulu eshiya iPirates kodwa kwakumele emukele.

“Ngingasho ngithi kwakunzima ukusuka kulolu olunye uhlangothi (iPirates) ngize kulolu (iChiefs),” kusho uMako.

“Njengoba sengike ngasho angifuni ukulokhu ngikhuluma kakhulu ngokwedlule ngoba ngibeke umqondo ekusizeni iqembu liye phambili, nokunqoba izindebe.

“Yebo kwakunzima ukusuka kwelinye iqembu kimina kodwa ngingumdlali webhola elikhokhelayo, ngiyazi ngidlalela iqembu elikhulu ngisuka kwelinye elikhulu, ngakho akukho okutheni osekushintshile.”

“Ngisengumuntu ofanayo nalo enganginguyena eqenjini lami elidala.”

UMako ubesebhentshini ngesikhathi iChiefs ishaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoMsombuluko.

Kulo mdlalo bekudlala u-Aden McCarthy, oshaye igoli, emuva kwesokunxele, okuyindawo edlalwa uMako.

UMonyane, ofike noMako kwiChiefs, uwuqalile umdlalo emuva kwesokudla, kodwa ngesiwombe sesibili kwangena uDillan Solomons endaweni yakhe.

IChiefs inomdlalo onzima njengoba izobhekana neZesco United emdlalweni weCAF Confederation Cup, eLevy Mwanawasa Stadium, eNdola, ngeSonto ngo-3 ntambama.

Amakhosi kumele awunqobe nakanjani lo mdlalo njengoba eshayiwe kowokuqala ase edlala ngokulingana kowesibili wamaqoqo.