UKhune usafuna ukudlalela iChiefs, uthi usemncane yena
SIHLE NGUBO
Obengunozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, uveza ubuhlungu abuzwa ngesikhathi leli qembu laseNaturena limtshela ukuthi akasekho ezinhlelweni zalo, ngaphambi kokuqala kwesizini.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kulandela ukumenyezelwa njengomunye onamashezi kwiTopbet eSandton, lo nozinti uveze ukuthi kwakungelula ukwemukela lezi zindaba futhi kwaphela amasonto ezivalele endlini.
“Ukukhuluma iqiniso angikwazi ukulawula ukuthi ngizizwa kanjani ngosuku olulandelayo ekuseni,” kusho uKhune.
“Ngihlale ngivuka ngizizwa ngendlela ehlukile ikakhulukazi ngemuva kwamasonto okuqala kulandela ukuba nomhlangano neqembu.
“Kwakungelula kimina ukwetshisa lezi zindaba. Ngangisembhedeni amasonto amabili wonke, ngikhala zonke izinsuku ngingaqondi ukuthi ukuthi kwenzekani.
“Ngisemncane kakhulu ukuthi ngingaba umqeqeshi wonozinti futhi bengingaboni lokho kwenzeka manje. Kodwa njengoba ngishilo ngidinga isikhathi ukuqhela nje ekucabangeni kakhulu, ngibeke umqondo kulokhu okuphambi kwami.
“Yebo iqembu langinika inhlonipho lathi ‘Itu woza sihlale phansi, yilolu uhlelo ukuya phambili. Ngebhadi awuyona ingxenye yakho njengomdlali webhola.’
“Angizange ngizikholwe izindlebe zami ngesikhathi ngizwa lokho. Njengoba ngishilo ngifuna ukudlala ngize ngibe neminyaka engu-40 kuya phezulu.
“Yikho nje ngithi ngisenalo ithemba kodwa ngeke uyilawule inhliziyo. Uthando nomfutho webhola kusekhona. Ngisengenza kwenzeke uma nginikwa ithuba.”
Njengamanje kukhona ukukhononda ngonozinti uFiacre Ntwari kangangoba abanye abalandeli bathi akunikwe uBruce Bvuma ithuba. UBrandon Petersen ungunozinti omuhle kodwa wenza amaphutha abuye adlise iqembu.
IChiefs izobuyela emidlalweni yeBetway Premiership ngokubhekana neRichards Bay FC, ePeter Mokaba Stadium, ngoNovemba 27.