U-Tinkler uncoma iSekhukhune ngokuncisha iPirates amaphuzu aphelele
SIHLE NGUBO
Uncoma abadlali bakhe basemuva ngokuphunga i-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership, eNew Peter Mokaba Stadium, umqeqeshi weSekhukhune United u-Eric Tinkler.
Kulo mdlalo bekulindelwe amagoli kodwa wagcina uphele ngo 0-0 yize iPirates ibibuye ihlasele kuvalwe amehlo.
Emuva kwiBabina Noko kugqame ukudlala kahle komdlali owayegijima kwiKaizer Chiefs, uDaniel Cardoso, nonozinti uRenaldo Leaner, obevimba kwasani.
UBright Ndlovu, oqokwe njengomdlali oshaye into ecokeme kulo mdlalo, naye ubesiza kakhulu ukuvimba abadlali bePirates, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili sekungene uRelebohile Mofokeng no-Oswin Appollis.
Ngemuva komdlalo uTinkler uzwakale ejabule ngabadlali bakhe basemuva nokuthola iphuzu elilodwa kulo mdlalo.
“Udonga lwethu lusitholele iphuzu elilodwa, bekumele sihlukumezeke namuhla,” kusho uTinkler kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Into ephoxayo, njengoba ngike ngasho, bekumele sibe ngcono uma siphethe ibhola, sigweme amaphutha ngebhola.
“Ngesiwombe sokuqala besihluleka ukuhlangansa amaphasi amathathu noma amane, kukhona amaphutha amaningi abenziwa umdlali ngamunye.
“Iqembu elifana nePirates lizokucindeza kodwa emuva besiqinile kakhulu.
“UBright (Ndlovu) ube nomdlalo omuhle kakhulu, uDanny ube nomdlalo omuhle, ngicabanga ukuthi uRenaldo (Leaner) unozinti ube nomdlalo omuhle kakhulu.
“Ukuya phambili besingebahle emdlalweni okuyinto ephoxayo. Asizange sakhe amathuba acacile ngokwami.
“Kukhona esibe nalo kade kuphonswa ibhola ngesiwombe sokuqala, kodwa nje bekuyiPirates ebisihlasela, thina sivimba emuva.”
Ngaphambi kwalo mdlalo iBabina Noko ishaywe yiStellenbosch FC ngo 1-0 okuchaza ukuthi isilahle amaphuzu amahlanu emidlalweni emibili.

