EzakamuvaI-CAF Confederation Cup

OweChiefs uthi gede ibhola elihle, badlalela ukunqoba manje

SIHLE NGUBO

Ufuna banqobe imidlalo noma bengadlali ibhola elihle umqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, ongomunye wabaqeqeshi ababili abahola leli qembu laseNaturena kule sizini.

Usho lokhu ngemuva kokuthi Amakhosi eshaye iZesco United, yaseZambia, ngo 1-0 emdlalweni wamaqoqo weCAF Confederation Cup, eLevy Mwanawasa Stadium, eNdola, ngeSonto.

IChiefs ayidlalanga ibhola elihle kulo mdlalo kodwa kuyisizile ukuthi uPule Mmodi ashaye igoli ngomzuzu wesibili umdlalo uqalile.

Leli goli kugcine kungelibaluleke kakhulu njengoba kuyilona eliqinisekise ukuthi iChiefs ithola amaphuzu aphelele okokuqala emidlalweni yamaqoqo kwiConfederation Cup.

Njengamanje leli qembu laseNaturena lisendaweni yesithathu kwilogi kaGroup D ngamaphuzu amane.

Okunye okusize kakhulu iChiefs ukuthi iZamalek ne-Al Masry, okungamaqembu ase-Egypt, badlale ngokulingana ngo 0-0 ngalo iSonto ebusuku.

UBen Youssef uvumile ukuthi inkundla ibithanda ukubanyuka kakhulu eZambia, kodwa bebewafuna nakanjani amaphuzu amathathu.

“Izolo (ngoMgqibelo) sithole ithuba lokuziqeqesha enkundleni, sathola ukuthi inkundla kunzima kakhulu ukudlala kuyona,” kusho uBen Youssef.

“Ngakho bekumele siqhamuke nendlela ethize, ukuthi sizolidlala kanjani ibhola elihlukile.

“Siyazi ukuthi siyithimba labaqeqeshi, ngakho inkundla efana nale besibona ukuthi iyingozi kakhulu ukudlala kuyona.

“Okunye ukuthi ngesikhathi sekhefu leFifa besigxile kakhulu kuma-free kick namakhona, futhi ngicabanga ukuthi umdlalo wesibili sishaya igoli ngale ndlela.

“Nakulo mdlalo sicubungule kakhulu indlela evimba ngayo emuva iZesco, futhi besihlose lokho ukuthi sishaye igoli nge-free kick noma ikhona.”

IChiefs iwuqale kahle u-2026 njengoba seyinqobe imidlalo emibili emiqhudelwaneni emibili ehlukene.

NgoLwesibili Amakhosi athole amaphuzu amathathu ngemuva kokushaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium.

Nakulo mdlalo igoli eligcine libekwe phakathi u-Aden McCarthy bekuyi-free kick etholwe yiChiefs ngesiwombe sokuqala.

“Sijabula kakhulu ngomphumela, ngiyazi ukuthi indlela esidlale ngayo ibingeyinhle ngoba sidlale ibhola elihlukile kunalelo lethu,” kuqhuba lo mqeqeshi.

“Into yokuqala esayibhunga ngaphambi komqhudelwano ukuthi kumele sibe emidlalweni yamaqoqo, okuyinto esesiyenzile.

“Manje okumele sikwenze ukuthatha yonke imidlalo njengeyamanqamu…kusasele imidlalo emithathu uma siyinqoba sizodlulela phambili.

“Kodwa okwamanje kumele sigxile kwiMarumo Gallants. Kumele siwunqobe lowo mdlalo ukuze siqhubeke nokulwa nakwiPSL.

“Ngemuva kwalokho kumele silungiselele ukubhekana neZesco United emdlalweni wesibili.”

Lo mqeqeshi uyazi ukuthi banengcindezi enkulu njengoba bedlala iConfederation Cup, iBetway Premiership, kanti sekuzoqala neNedbank Cup.

“Siyazi ukuthi simatasa kakhulu kule nyanga, njalo ngemuva kwezinsuku ezimbili noma ezintathu sinomdlalo.

“Sizodlala imidlalo engu-11 ezinsukwini ezingu-40, ngakho sisidinga sonke isikwati.

“Siyabonga ukuthi sinesikwati esikhulu ngakho sizokwazi ukulokhu sishintsha abadlali.

“Sihlanganile nabadlali saxoxa ngokubaluleka kokunqoba. Njengamanje okubalulekile ukunqoba imidlalo kunokudlala ibhola elihle.

“Emidlalweni edlule besidlala ibhola elihle kodwa singabi nenhlanhla yokushaya amagoli, kuphele ngo 0-0.

“Manje sifuna ukunqoba, uma kuza ngokudlala ibhola elihle kulungile kodwa into ebalulekile ukuthola amaphuzu amathathu. Yilokho okuzosigcina emiqhudelwaneni.”

Amakhosi ayiqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukuphumelela ukunqoba kwiZesco United. Leli qembu selike layishaya kabili iChiefs phambilini kwiCAF Champions League.

IChiefs izobhekana neMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership, eBloemfontein, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

Ngemuva kwalokho izobhekisa amabombo eThekwini lapho izobhekana neZesco United, eMoses Mabhida Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.