EzakamuvaIbhola

Kusolwa ubudedengu bamaphoyisa kubulawa owayedlalela i-Arrows

SIHLE NGUBO

Kusolwa ubudedengu bamaphoyisa kulandela ukudutshulwa kubulawe umdlali oke wayibamba kwiDStv Diski Challenge (DDC) edlalela iLamontville Golden Arrows, uSiphiwe Nkabinde.

Lo mdlali osemncane, obebuye abizwe ngelikaMessi, uke wadlala nakwiSinenkani FC, egijima kwi-ABC Motsepe Foundation, e-Eastern Cape.

Ngokuthola kweMpempe, lo mdlali ungowaseMzinyathi futhi ubengumuntu ozifelayo ngonobhutshuzwayo.

Kuthiwa ubehlezi nomuntu obefunelwa amacala athize. Kuvela ukuthi amaphoyisa afike lapho bebehleli khona angabuza lutho, avulela inhlamvu.

Abamaziyo bathi ufele into engekho ngoba bayazazi izindlela zakhe ukuthi bezihamba zigcine kuphi.

Okushiya imibuzo ukuthi kanti amaphoyisa abengamazi yini umuntu abemfuna njengoba edubule uNkabinde, okukholakala ukuthi ubemsulwa.

Impempe izamile ukuthola kabanzi ngoNkabinde kwi-Arrows, njengoba kuyiqembu aseke walidlalela kwiDDC.

UMqo Thusi, ongumxhumanisi wabezindaba ne-Arrows, uthe: “Ngebhadi asinalwazi ukuthi kwenzekeni. USiphiwe ubengasadlaleli i-Arrows, ngicabanga ukuthi wahamba kumasizini amathathu edlule, ngakho asinalwazi.”

UNkabinde udlalile emaqenjini esizwe aseNingizimu Afrika, i-Under 17 ne-Under 20.

Amanye amaqembu ake wadlala kuwona yiJolivet United, uMlazi Young Lions, Umvoti FC namanye emazingeni aphansi.