EzakamuvaIBetway Premiership

Kuvela imbangela yokungayi eKapa neChiefs kukaNabi

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ngeke abe khona uma iqembu lakhe selitholana phezulu neStellenbosch FC, emdlalweni weBetway Premiership, e-Athlone Stadium, eKapa, ngeSonto ngo-5.30 ntambama.

Lo mqeqeshi kuvela ukuthi kudingeke ukuthi aphuthume eTunisia ngokushesha kulandela ingozi yemoto ethinta unkosikazi wakhe.

“Ingozi embi embandakanya umkakhe (uNabi) yenzekile ngakubo eTunisia,” kusho isitatimende seChiefs.

“Lokhu kuphoqe ukuthi umqeqeshi ahambe ebusuku (ngoLwesihlanu) ukuyoba naye (umkakhe) nomndeni.

“UNabi uzobuyela eNingizimu Afrika uma isimo (somkakhe) sesikahle.

“Umqeqeshi ube nengxoxo nethimba labaqeqeshi ukulungiselela umdlalo.

“Njengoba ezobe engekho umqeqeshi uNabi, iphini lakhe uKhalil Ben Youssef nelesibili uCedric Kaze, yibona abazoba sebhentshini kulo mdlalo ozayo.

“IKaizer Chiefs ithanda ukufisela umqeqeshi uNabi nomndeni wakhe okuhle kodwa kulesi sikhathi esinzima.

“Sinxenxa bonke abalandeli ukuthi bababeke emicabangweni nasemithandazweni yabo.”

Umdlalo wangeSonto ubalulekile ukuthi iwunqobe iChiefs njengoba kungowokuvula isizini.

Ekuqaleni kweSonto umqeqeshi uNabi uke wacashunwa ethi:

“Into ebaluleke kakhulu kithina ukuba nomgqigqo omuhle.

“Lokho kusho ukuthatha umdlalo ngamunye ngesineke, bese sinqobe imidlalo eminingi ngendlela esingakwazi ukwenza ngayo.

“Njengoba ngike ngasho phambilini ukuthi inhloso enkulu ukubuyisela iChiefs lapho ifanelwe ukuba khona – phezulu ebholeni laseNingizimu Afrika.”

IStellies seyike yadlala imizuzu engu-120 lapho ishaye khona AmaZulu FC ngo 3-2 esikhathini esengeziwe emdlalweni we-quartfinal yeMTN8 ngeSonto.

Lokho kuchaza ukuthi iChiefs izofika ezikaSteve Barker zilunge kangcono ngoba sezike zawelula amathambo.