EzakamuvaIbhola

UKomphela unqabe ukunconywa ngokuqeda ishobolo le-Arrows

Ubuye kwezwakala uSteve Komphela kwiGolden Arrows, eyinqobbisa leli qembu umdlalo ngemuva kokuhlulwa kwengu-11 kulandelana.

I-Arrows iqoqe amaphuzu agcwele ngesikhathi ishaya iPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama. 

UNduduzo Sibiya – ongomunye wabadlali asebenamava kwi-Arrows – nguye oshaye igoli elibuyise amathemba kuBafana Bes’thende. 

Ekhuluma nabakamabonakude ngemuva komdlalo, uKomphela uthe kumele kunconywe abadlali nabaqeqeshi baphambilini. 

UKomphela uqashwe ekuqaleni kwaleli sonto ukuzosiza oMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu abebebonakala becwila kulo msebenzi. 

“Uyazi izingwenya esezihlale kakhulu esizibeni azizixaki ngazo, okubalulekile kuzo ezincane,” kusho uKomphela

“Uma uzwa, okufunekayo yinjabulo futhi kumele kube yibo (abancane) abajabulayo.

“Ngiyajabula ukubabona lapha… USquich la uma ezobuzwa, bashaye ulayini bathi bafuna ukuzwa ukuthi uzokhuluma isiNgisi noma isiZulu. 

“Yibo ubuhle bebhola esifuna ukububona ezinganeni. Sibabiza ngezingane ngenhlonipho.

“Okwami bekukufika ngizobafaka umdlandla nje. Akumina (owenze banqobe) kodwa kube wukubafuqa ngomdlandla nje kancane, nenhlanhla ke. 

“Yimuphi umqeqeshi owake wafiika eqenjini wasebenza izinsuku ezimbili bese enza umehluko?

“Lutho, akunjalo. Umuntu kumele azehlise adlulisele izincomo lapho zifanele khona. 

“Lento beyivele ikhona. Uma ubheka umdlalo wabo wokugcina abawudlale eFNB Stadium oMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu, bahlulwe amathuba nje kuphela.

“Badlale kahle kakhulu. Obekudingeka nje umphumela ngoba ngeshwa sijajwa ngomphumela.

“Yingakho kufika isikhathi la kumele uthi asikubeke eceleni ukudlala kahle, asithole umphumela nje kuphela. 

“Ngijabule ngalo mphumela. Ufakazela esibatshele khona ukuthi baseyiqembu elifanayo naleli ebelinqoba ekuqaleni kwesizini. 

“Obekudingeka nje ukusebenza kanzima ungqongqoze kube kube buhlungu amaqupha.

“Kuyenzeka lapho usuthi uyayeka, kuvele kuvulwe, bese uthola obukufuna,” kuchaza lo mqeqeshi.