‘Sifuna ukunqoba isicoco seligi,’ kusho oweChiefs
SIHLE NGUBO
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, u-Aden McCarthy, ugcizelela ukuthi nabo bayasifuna isicoco seBetway Premiership kule sizini, ngakho bazolwa ngakho konke.
Kungokokuqala ngemuva kwamasizini amaningi, iChiefs izithola isemdibini wamaqembu alwela isicoco seligi.
Kumasizini ayishiyagalombili edlule bekulokhu kubusa iSundowns iqukula isicoco seligi, futhi bekusheshe kucace ukuthi ihamba naso.
Abafana Ba’Style bahleli esicongweni selogi yePremiership kulandela ukushaya iSekhukhune United ngo 2-0 emdlalweni wePremiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesibili ebusuku.
Leli qembu laseChloorkop selivule igebe lamaphuzu amathathu phakathi kwalo nePirates esendaweni yesibili, kanti mahlanu elishiya ngawo iChiefs esendaweni yesithathu.
IPirates isalele emuva ngemidlalo emibili kwiSundowns, kuthi iChiefs ibe semuva ngowodwa.
IChiefs inethuba lokuvala igebe kwiSundowns, nokunyukela endaweni yesibili, njengoba izotholana phezulu neMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership, eDr Molemela Stadium, eBloemfontein, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
UMcCarthy, oshaye igoli benqoba ngo 1-0 kwiLamontville Golden Arrows ngeledlule koweligi, ufuna baqhubeke nomgqigqo wabo.
“Sithathe uhambo obeluya eZambia lapho besazi kahle ukuthi besidinga amaphuzu amathathu,” kusho uMcCarthy.
“Isimo besingesihle kahle kodwa bekumele sizame ukumelana nakho konke.
“Ekugcineni womabili amaqembu abedlala enkundleni efanayo. Besazi ukuthi sifunani ngakho silwile, sabambisana njengeqembu, sabuya namaphuzu aphelele.”
IChiefs ibibhekene neZasco United, enkundleni enotshani obengebona bemvelo, kodwa yanqoba ngo 1-0 kulo mdlalo weCAF Confederation Cup, eZambia ngeSonto.
“Uma sibheka amaphuzu ethu nawamanye amaqembu, amathuba sinawo okuthi sidlulele esigabeni esilandelayo,” kuqhuba uMcCarthy.
Mayelana neBetway Premiership, uMcCarthy uthe: “Ukushaya igoli lami lokuqala kwiligi kuyinto emnandi kakhulu.
“Ngithole ukuthi ubaba wami (uFabian McCarthy) washaya igoli lakhe lokuqala ebhekene neqembu elifanayo, edlalela iChiefs.
“Nakanjani yinto ezongena emlandweni, ngibheke ukuqhubeka nokushaya amanye (amagoli) amaningi.”
IChiefs izowadinga amagoli uma uke seyibhekene neGallants, edlala kahle uma ibhekene namaqembu athathwa njengamakhulu.
“Ukuya eBloemfontein, siyodlala neGallants, siyazi ukuthi sizobe sibhekene nabadlali abasezingeni eliphezulu.
“Nokho sizoya laphayana sifike sizimisele, sishaye umsebenzi.
“Ukudlala imidlalo ilandelana yinto enzima ukubhekana nayo kodwa konke kulele emqondweni…
“Umjaho (wesicoco seligi) uvulelekile futhi siyayifuna le nto. Sifuna ukunqoba iligi futhi kungenzeka. Esikudingayo ukusebenza kanzima, sisebenzele kulokho njengento esifuna ukuyifeza.”

