EzakamuvaIBetway Premiership

Umqeqeshi wePirates uphawula ngemidlalo abasalele ngayo ngemuva

SIHLE NGUBO

Ubona ingasho lutho imidlalo yeBetway Premiership abasalele ngayo ngemuva, umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.

Kunemibuzo kubalandeli yokuthi yini ingadlali iPirates uma amanye amaqembu edlala, nokwenza ukuthi isalele emuva ngemidlalo.

IPirates ayisekho kwiCAF Champions League, ngakho kunokumangala ukuthi ihlala isonto lonke ingadlali, amanye amaqembu edlala njalo ngemuva kwezinsuku ezimbili noma ezintathu.

Emaqenjini afana neKaizer Chiefs, yiStellenbosch FC (abadlala kwiCAF Confederation Cup) neMamelodi Sundowns eyibambe kwiChampions League, akukho ukuphumula futhi siyaqondakala isizathu.

Njengamanje iPirates isalele emuva ngemidlalo emibili kwiSundowns ezihola phambili kwilogi yeBetway Premiership. Isele ngefanayo kwiChiefs esendaweni yesibili.

“Besilokhu sigxile kithina selokhu kuqale isizini,” kusho u-Ouaddou odabuka eMorocco.

“Ngeke ngiqambe amanga ngithi asiyibhekile ilogi ukuthi imi kanjani.

“Kithina kusemqoka ukuthi sigxile ezindaweni okumele sine ngcono kuzona, nalezo okudingeka sisebenze kuzona.

“Kuyo yonke imidlalo sidlalela ukunqoba. Iligi yinde futhi kungase kucace ngayo ngoMeyi.

“Okubalulekile ukuthi sizoqeda sikuphi ekupheleni kwesizini. Okwamanje into esigxile kuyona amalungiselelo ethu, ukuhleleka nokuthi silihola kanjani iqembu. Yizinto ezibaluleke kakhulu kithina lezo.”

EZimnyama zinethuba lokulinganisa amaphuzu azo neSundowns uma sezitholana phezulu neMagesi FC emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Amstel Arena, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Kuzobe kungokokuqala iBucs idlalela kule nkundla yayo yasekhaya ngemuva kokuqanjwa kwayo kabusha.