OweDonatus Nyide Foundation ulwa nezidakwamizwa nobugebengu entsheni yaseCentocow
SIHLE NGUBO
Ufisa ukuthola uxhaso komabhizinisi abazimele nomasipala, uDonatus Nyide, ongumsunguli weDonatus Nyide Foundation, egqugquzela intsha ukuthi igxile kwezemidlalo.
UNyide uyazifela ngezemidlalo futhi ukholwa ukuthi zingakwazi ukugwema ukusebenzisa izidakamizwa entsheni ngokuthi ibeke imiqondo kwezemidlalo ezahlukene.
Ngempelasonto uNyide ubehlele imidlalo yebhola yezingane ezineminyaka engaphansi kuka-17.
Le midlalo ibibanjelwe eCentocow Sports Field, eContocow, ngoMgqibelo, kanti ibe yimpumelelo kakhulu.
Umhlanganiso udliwe yiGlorious FC, kwathi iMbelebele FC yaphuma isibili, Amaseme FC alala isithathu.
Umdlali womqhudelwano kube uViwe Mbanjwa (Mbelebele FC), oshaye amagoli amaningi kwaba uSiyamthanda Gasa (GFS FC), unozinti ohambe phambili kwaba uMbheshu Hlomla (SFS FC).
“Liningi kakhulu ikhono nabadlali abanekhono eContocow,” kusho uNyide.
“Laba badlali abasebancane badinga ukunakekelwa baphathwe kahle, kungenjalo ikusasa labo lizophelela emoyeni.
“Sithanda ukumema bonke abangakwazi ukuthi belule isandla, basebenzisane nathi, ukuze sisize izimbali zethu, siziqhelelanise nezidakwamizwa, utshwala nobugebengu.
“Njengoba kuhlale kushiwo, ukuvimba kungcono kakhulu kunokukwelapha lokhu okusuke kwenzekile.”
UHlomla, obe ngunozinti obaqwaqwade bonke kulo mqhudelwano, uthe ufisa ukuzibona ekude nebhola.
“Ngingathanda ukuzibona ngisenkulisa (Academy) yeqembu elithile lebhola,” kusho uHlomla.
“Ngijabule ngomklomelo okuyinto enkulu kimina ngoba iyaqala ukwenzeka.”
Uthe ubukela kakhulu kumnewabo omdala, ongunozinti eqenjini alidlalelayo.
UNyide uthembise ukuthi uzoqhubeka nokuhlela imiqhudelwano ukuze intsha ingazitholi ingena ezilingweni ebingazigwema.

