EzakamuvaiNedbank Cup

Uzicelela ukuhlonishwa abalandeli umqeqeshi weSundowns

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uthi abalandeli baleli qembu abafuna aphume aphele eChloorkop, kumele bazame ukumhlonipha kanjalo namagalelo akhe.

Yinto eyaziwayo ukuthi abalandeli beSundowns abasamfuni nalapho ehambe khona uCardoso, futhi abakufihli nasezinkundleni zokuxhumana lokho.

Sekuke kwavela kaningi ukuthi abalandeli bafuna kubuye uPitso ‘Jingles’ Mosimane, owake wenza izimanga kuleli qembu phambilini.

Nokho kubukeka kuyinto engeke yenzeke leyo ngoba uMosimane neSundowns basagijimisana enkantolo kubangwa u-R8 million, okumele ukhokhwe yilo mqeqeshi.

Isimo sithande ukushuba kakhulu emasontweni edlule, ngesikhathi iSundowns ibambana ngo 2-2 ne-Al Hilal yaseSudan emdlalweni weCAF Champions League.

Abalandeli beDowns bacisho bamudla luhlaza uFlemming Berg, oyiSporting Director yeqembu, naye umqeqeshi uCardoso ngemuva komdlalo.

UBerg waphuma emayoywana ukuthelwa ngamanzi abalandeli, uCardoso yena wapulukutshela wangathelwa amachaphezelo.

ISundowns ayihleli ngokukhululeka neze kwilogi kaGroup C yeChampions League, njengoba kusele imidlalo emibili ukuthi kusongwe imidlalo yamaqoqo.

Emidlalweni emine isanqobe owodwa, yadlala ngokulingana emibili, yase ishaywa kowodwa.

Lokhu kuyenza ihlale endaweni yesibili ngamaphuzu amahlanu, kanti iMC Alger neSt Eloi Lupopo banamaphuzu amane ngemuva kwayo.

Ngempelasonto iSundowns izobhekana neSt Eloi Lupopo ekuhambeni, nokuwumdlalo okumele iwunqobe nakanjani.

Izobe seyivala imidlalo yamaqoqo ngokubhekana neMC Alger, eqeqeshwa uRulani Mokwena, ekhaya.

Kukho konke lokhu uCardoso uthi abalandeli abayeke ukukhuluma amagama angenanhlonipho, bewaqondise kuyena.

“Lo muntu (ezisho yena) akazange aqathake esibhakabhakeni,” kusho uCardoso ngemuva kokuthi iSundowns ishaye iGomora ngo 2-1 emdlalweni weNedbank Cup, ngoLwesithathu ebusuku.

“Lo muntu uqeqeshe amaqembu okungekho eNingizimu Afrika ongacabanga ngawo – ngakho ngikhombiseni inhlonipho, yilokho nje.

“Ngelinye ilanga ngizohamba. Hhayi! Akekho okumele aphushe omunye, yithatheni kahle le nto, nisidedele sisebenze.

“Laba badlali bafanelwe yinhlonipho enkulu, leli qembu lifanelwe yinhlonipho enkulu. Yiqembu elikhulu.”

Lo mqeqeshi wasePortugal useke wacija amaqembu okubalwa kuwona iDeportivo La Coruna, iRio Ave, iNantes, iCelta Vigo i-AEK Athens ne-Esperance dE Tunis.