EzakamuvaIbhola

Usephenduke inyama umgadli weDowns, iChippa ifuna ukumgcina

Sbongs Gumbi

Ingase ilahlekelwe umgadli oyisizile empini yokuvika izembe iChippa United njengoba kuvela ukuthi kunamaqembu aphesheya amfuna uthuli. 

U-Etiosa Ighodaro usephenduke inyama njengoba kukhona amaqembu amfisayo okukhona kuwo nelaseFrance okuthiwa selivele liqalile ukuzibika kuye. 

Lo mgadli ufike kuleli kumasizini amabili edlule ezojoyina iMamelodi Sundowns kodwa yasheshe yamdlulisa njengoba imbeleke i-University of Pretoria. 

Ngesizini edlule ibe seyimboleka iChippa United ngenhloso yokuthi athi ukuthola amava okudlala kwiDStv Premiership. 

Lokhu bekwenziwa ngoba ebonakala ezophuza ukuthola ijezi kwiSundowns janti usemncane kudingeka athole amava ngokudlala. 

“IChippa United ifuna ukuthi aphinde ahlale nangesizini ezayo ngoba ukhombisile ukuthi engaba wusizo olukhulu. 

“Angiboni neSundowns izoba nenkinga ngalokho. Kodwa manje okungase kube yinkinga wukuthi sekukhona abafuna ukumthenga. 

“IStade Rannes yaseFrance kuthiwa seyivelile kwiSundowns izozwa ukuthi kungaxoxiswana yini ngaye,” kusho umthombo. 

Kuvela ukuthi akuyona iRannes kuphela ehalela lo mgadlo oshaye amagoli angu-11 kwiChippa ngesizini edlule. 

Kukhona neKC Westerlo yaseBelgium neZamalek yase-Egypt kanti neKaizer Chiefs ike yabuza ngaye. 

Konke ke ngekusasa lalo mgadli oneminyaka engu-21 kulele kwiSundowns njengoba kuyiyo anenkontileka nayo. 

Umthombo uthi kusasele iminyaka emithathu kule nkontileka yalo mgadli odabuka eBenin City, eNigeria futhi obonakala enekusasa elihle. 

Akubonakali nokho ingambuyisa kuyo iSundowns okwamanje kwazise ihlome iphelele ngabadlali baphambili. 

Ivele ke indlela edlala ngayo iSundowns ayimndingi umgadli ohlala phambili njengo-Ighodaro futhi kungenzeka iphinde ibolekise ngaye. 

“Kodwa uma kulamaqembu aphesheya kukhona elibeka imali ebhekile, kungenzeka imdedele ngoba vele yona isekude ukumsebenzisa.

“Kodwa okwamanje ngathi uzophinde abolekiswe. Angazi ke noma uzobuyela kuyo iChippa United noma bazomtholela elinye iqembu.

FUNDA NALA: Iyaqina eyeKaizer Chiefs nomqeqeshi waseTunisia

“Kungenzeka bamfunele eqenjini elizomnikeza inselelo njengeSuperSport United kanje ngoba kwiChippa uzohlale evika izembe. 

“Ukushintshwa kwabaqeqeshi njalo akumkhulisi umdlali, ikakhulukazi osemncane kanje,” kucho lo mthombo.