Ezakamuva

Unozinti waseNigeria ucele ukushiya kwiChippa United

SIHLE NGUBO

IChippa United seyiqinisekise ukuthi seyihlukene nonozinti wayo ohamba phambili waseNigeria, uStanley Nwabali.

Leli qembu laseGqeberha likhiphe isitatimende liveza ukuthi uNwabali uyashiya kulona futhi sebevumelene ngalokho.

UNwabali ubekwi-Africa Cup of Nations (AFCON) neNigeria lapho edlale khona kahle kakhulu.

ISuper Eagles ishaywe yiMorocco kowandulela owamanqamu we-AFCON, yagcina iqede endaweni yesithathu kulo mqhudelwano.

INigeria ishaywe ngo 4-2 yiMorocco kumaphenathi, yase ishaya i-Egypt ngo 4-2 kumaphenathi, sekubangwa indawo yesithathu kwi-AFCON.

Kule midlalo kugqame ukudlala kahle kukaNwabali, evimba amabhola anzima iSuper Eagles yaze yafinyelela kweyandulela eyamanqamu.

“IChippa United FC ingakuqinisekisa ukuthi uStanley Nwabali usefake isicelo sokushiya iqembu,” kusho isitatimende esithunyelwe yiChippa.

“Ngemuva kokusicubungula kahle (isicelo) sinqume ukumdedela njengokwesifiso sakhe.

“Sithanda ukubonga kakhulu uStanley Nwabali ngeminyaka yakhe eqenjini, ukuzinikela nokukhombisa ukuba umdlali weqembu elikhokhelayo kwiChippa United.

“Siyiqembu simfisela okuhle kodwa kukho konke azozama ukukwenza empilweni yakhe yebhola.”

UNwabali, oneminyaka engu-29, ufike kwiChilli Boys ngo-2022 kanti udlale imidlalo engu-66 kuleli qembu.

Ukucela ukushiya leli qembu kudweba isithombe sokuthi kukhona lapho ethole khona amadlelo aluhlaza – okungenzeka ukuthi yiphesheya.