EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Abadlali ababophela uRomain Folz amanqina enyathi kuMaZulu

By Alfred Ngubane

Kuvela iqiniso ngoRomain “Fohloza” Folz obeqeqesha AmaZulu FC kodwa wagcina emisiwe kulo msebenzi ngoba ephikwa yimiphumela. 

Impempe seyingakuveza ukuthi lo mqeqeshi osemncane wachathelwa abadlali kuleli qembu, ikakhulukazi abasuka eGauteng naseWestern Cape. 

Lezi zinsolo azizintsha njengoba kuke kwaze kwanabadlali abamiswayo ngesikathi sikaRomain Folz kuleli qembu. 

Kodwa zabuye zashanelwa, zafakwa phansi kombhede njengoba umunwe wagcina sewukhomba yena uFohloza kungathi uzihlulelwa wumsebenzi nje. 

Abaphathi bamsusa eqenjini kwanikwa iphini lakhe u-Ayanda Dlamini umsebenzi wokuqeqesha. 

Nabadlali ababemisiwe, okukhona kubo uRamahlwe Mphahlele noKeagan Buchanan babe sebebuyiswa. 

Okwamanje ke akucaci ukuthi kugcine kuphelelephi ngoRomain Folz njengoba umengameli woSuthu uSandile Zungu esanda kuveza ukuthi usefuna umqeqeshi omusha. 

Lokhu wakusho ngesikhathi ekhuluma naboKhozi FM emavikini ambalwa edlule. Wathi naye uDlamini uzolinikwa ithuba uma esebenze kahle kulesi sikhathi abesibambile. 

Umthombo weMpempe osondelene naleli qembu usixoxele ukuthi kwase kuvikwa nje ngokuthi uFohloza uhlulwe umsebenzi. 

“Indaba ikubadlali laba abazibona bebakhulu ngoba besuka emaqenjini amakhulu,” kusho lo mthombo. 

“Bathi uFohloza akawazi nhlobo umsebenzi. Angithi bona baphuma emaqenjini amakhulu futhi  umengameli uSandile Zungu ubezwa ngaphakathi. 

“Laba badlali bambophela amanqina enyathi, bamgingqa phansi akangadabula,” kuqhuba lo mthombo. 

Uphinde waveza ukuthi into ebibacika kakhulu ngoFohloza wukuthi umthetho ubewuqinisa bengasakwazi ukuzenzela umathanda njengaphambilini. 

“Bakhona ke vele abazihambela ezindaweni zobumnandi ebusuku bese ekuseni bebe nenkinga ejimini. 

“Ngezikhathi zakusihlwa  basuke bebhuza emajoyintini namantomabazane,” kusho lo mthombo osidonse ngendlebe ukuba singawudaluli. 

Lezi zinsolo zamambawu kuMaZulu zike zavezwa nanguPhumlani Dube obesebenza kuleli qembu phambilini. 

FUNDA NALA: Usevalelisile kwiTS Galaxy unozinti okhonjwa kwi-Orlando Pirates

Zasekwa nanguBrandon Truter obengumqeqeshi kuwo AmaZulu ekuqaleni kwesizini kodwa uDlamini wabaphikisa ethi badliwa umona nje kuphela. 

Leli qembu ligcine selitabalasa kanzima ukuvika izembe njengoba ligcine lingangenanga kwiMTN8  ngenxa yokuthwala umthwalo onzima  wokuhlakazeka kweqembu elalibunjwe nguBenni McCarthy.