UKhune ugxeka ukudembesela kweChiefs koweConfed Cup
SIHLE NGUBO
Owayengukaputeni weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, ugxeka leli qembu laseNaturena ngokuzithela ngabandayo ngesikhathi libhekene ne-Al Masry, yase-Egypt, emdlalweni weCAF Confederation Cup, ePeter Mokaba Stadium, ngeSonto.
Amakhosi anqobe lo mdlalo obalulekile ngo 2-1, okwenze anyukela esicongweni kuGroup C kulo mqhudelwano.
Ukube iChiefs inqobe ngo 2-0 noma ngo 3-1 kulo mdlalo, ibizobe seyizibekisele indawo kuma-quaretfinal, kungakhathalekile ukuthi kwenzekani emidlalweni yokugcina.
IChiefs seyidinga ukudlala ngokulingana kuphela neZamalek yase-Egypt ekuhambeni ngempelasonto, ukuze idlulele phambili.
UKhune, owayengunozinti weChiefs neBafana Bafana, ukhala kakhulu ngokuthi bebengaqeda ngemidlalo yamaqoqo ekhaya, ukube bashaye igoli lesithathu.
“Angazi noma abadlali abatshelwanga yini ukuthi bebedinga ukunqoba ngo 2-0 nomake ngo 3-1,” kusho uKhune kwiSABC Sport.
“Ngibone uBrandon (Petersen) ngasemizuzwini yokugcina eziwisa phansi.
“Kukhona obekumele abakhumbuze ukuthi sidinga igoli lesithathu, ngoba vele bese belidedelile igoli.
“Kodwa bekuzoba kuhle kakhulu ukube abalidedelanga (igoli) banqoba ngo 2-0.”
Emdlalweni wokuqala weConfederation Cup, la maqembu ebhekene e-Egypt, kwanqoba i-Al Masry ngo 2-1.
Esimeni sokulingana ngamaphuzu iChiefs ibizokuba sebuhleni ukube inqobe yangalidedela igoli ekhaya.
Nokho konke kusesezandleni zawo Amakhosi ukuthi angavumi ukushaywa yiZamalek emdlalweni wokugcina, azame okungenani ukudlala ngokulingana.
Lokho kuzoqinisekisa ukuqeda eqhulwini eqoqweni ekulona iChiefs, okuyinto ezoyisiza uma isidlala kuma-quarterfinal.
Amaqembu aqeda phezulu emaqoqweni awo adlalela imilenze yesibils ekhaya, nokuyinto ehlale ifunwa amaqembu amaningi ikakhulukazi kweyomkhumulajezi.

