EzakamuvaIbhola

UKatsande uhlonza ‘ozovala isikhala sakhe’ ebholeni

UWillard Katsande usemtholile umdlali ambona ezogcina evale isikhala sakhe ebholeni lakuleli. 

Le nkakha yeKaizer Chiefs ithi ibona indodana yayo, uJunior Katsande kuyiyo ezohamba ezinyathelweni zakhe zokuba ‘ngusigwinya zonke’ esiswini.

Ngokusho kukaKatsande, umfana wakhe uyibamba kahle enkabeni yenkundla futhi nonyawo uluqinisa njengaye. 

Yingakho ebona sengathi impela uzofika ezingeni lakhe ngokuhamba kwesikhathi. 

UKatsande, owaziwa ngelikaSalt and Vinegar ebholeni, ufake isithombe sale ndodana yakhe ezinkundleni zokuxhumana muva nje.

Ube esesiphelezela ngombhalo othi: “Nangu umdlali ophambili wasesiswini olandelayo, indodana yami.”

Ubeqala ukuveza nokuthi unendodana njengoba engumuntu oyifihlayo impilo yakhe yangasese.

Kodwa muva nje uyamveza lo mfana wakhe njengoba abuye ashuthe naye bedayisa izimpahla zakhe zokugqoka zeBossYaMboka. 

UKatsande uqale ukuzakhela igama ebholeni lakuleli kwi-Ajax Cape Town afikela kuyo esuka eZimbabwe. 

Wabe eseheha amehlo eKaizer Chiefs ahlale kuyo iminyake ecela eshumini, wagcian esengukaputeni weqembu lesizwe laseZimbabwe.

Selokhu eshiyile kwiChiefs uKatsande, ayikamtholi umdlali okwazi ukudlala le ndawo yakhe – obama isisu sithule du. 

USibongiseni “Ox” Mthethwa nguyena umdlali ongadlala lendawo kodwa ushaywa ukuthi umqeqeshi okhona akakuboni lokho.

Naye ke kodwa noma enikiwe ithuba akakhombisi ukuqina okufanele kule ndawo kanti abalandeli sebeqalile ukushaya amakhala ngaye.