EzakamuvaIbhola

Olaxaze iqembu lePSL usathungatha elisha azolidlalela

SIHLE NGUBO

Yinto emangazayo ukuthi unozinti waseNigeria, uStanley Nwabali, akanalo iqembu asesayine kulona, yize kunguyena ozicelele ukukhululwa yiChippa United, ngeSonto eledlule.

Kumangale abaningi kuvela izindaba zokuthi lo nozinti, obeyingxenye ye-Africa Cup of Nations (AFCON) neNigeria ngoDisemba noJanuwari, eMorocco, uzicelele yena ukukhululwa enkontilekeni abenayo neChilli Boys.

Kube sekuba nokucabanga ukuthi usezitholele amadlelo aluhlaza eqenjini elithile, ngemuva kokwenza kahle kwi-AFCON neSuper Eagles.

Ivelile imibiko engaqinisekiswanga yokuthi uNwabali ubheke eTanzania, lapho eseqede konke beqembu lakhona.

Nokho lo nozinti uthi akakabi nalo iqembu, futhi akakhathazekile nakancane ngalokho.

“Ayikho inkontileka ekhona phambi kwami. Alikho iqembu elikhona futhi angikwethembisi ukuthi iqembu lizoqhamuka namuhla noma kusasa,” kusho uNwabali ekhuluma no-Andile Ncube.

“Angikho magange ukuthola iqembu, kodwa uma kukhona eliqhamukayo, livumelana ne-agent yami nami, ngizodlala.

“Azikho izingcingo esezike zangena okwamanje. Izingcingo ezikhona ezivela emndenini, abangani nabantu abamangele ngalezi zindaba.”

Kusobala ukuthi uNwabali ubengasafuni ngempela ukudlalela iChilli Boys, uma ekhetha ukuyishiya engenalo elinye iqembu aselitholile, noma anezingxoxo nalo.

Omunye umdlali waseNigeria owenze okufanayo, ngu-Olisah Ndah, obesemabhukwini e-Orlando Pirates.

Ngokwesitatimende sePirates, lo mdlali wasemuva ucele ukukhululwa ukuze athole ithuba lokudlala kwelinye iqembu.

UNdah bese kuphele isikhathi eside ingadlali kwiBucs ngenxa yokulimala. Nokho ubesebonakala esebhentshini emidlalweni yakamuva, nokuchaza ukuthi ubeseluleme.

Kuvela ukuthi lo mdlali uziqeqesha neStellenbosch FC ngenhloso yokuthi umqeqeshi uGavin Hunt ambheke ukuthi ukusiphi isimo ngaphambi kokumsayinisa.