CAF Champions LeagueEzakamuva

I-Downs ethubeni lokudlulela kweyandulela owamanqamu kwiChamps League

SIHLE NGUBO

IMamelodi Sundowns inethuba elihle lokuphinde idlulele kweyandulela owamanqamu weCAF Champions League, kulandela ukuqhathwa kwamaqembu azobhekana kuma-quarterfinal alo mqhudelwano, eCairo, e-Egypt, ngoLwesibili.

Abafana BaS’tyle bazotholana phezulu neStade Malien, yaseMali, engenawo amava atheni uma kukhululunywa ngemidlalo yeChampions League.

ISundowns izowudlala ekhaya umlenze wokuqala, bese owesibili iyowudlala eMali.

Uma idlulela kweyandulela owamanqamu iSundowns, zizothanda ukuyishubela kakhulu izinto njengoba izotholana phezulu nelinye lamaqembu anamava kulo mqhudelwano.

EzikaMiguel Cardoso zizobhekana nozonqoba phakathi kwi-Esparance ST, yaseTunisia, ne-Al Ahly yase-Egypt, uma zifinyelela kweyandulela owamanqamu.

Lokhu kuchaza ukuthi iSundowns ngeke ihlangane neqembu eliyishaye kowamanqamu weChampions League ngonyaka odlule, iPyramids FC, ngaphambi kowamanqamu (uma la maqembu efinyelela).

I-Pyramids, yase-Egypt izobhekana ne-AS FAR yaseMorocco emdlalweni we-quarterfinal.

Ozonqoba lapho uzobhekana nozophumelela phakathi kweRS Berkane ne-Al Hilal SC, yaseSudan.

Emidlalweni yeCAF Confederation Cup i-Al Masry izobhekana neCR Belouizdad, kuthi iZamalek itholane phezulu ne-AS Otoho.

Kunethuba lokuthi i-Al Masry neZamalek, okungamaqembu ase-Egypt, batholane phezulu kweyandulela owamanqamu, uma beyinqoba imidlalo yama-quarterfinal.

Imidlalo yama-quarterfinal yeCAF Confederation Cup:

Al Masry v CR Belouizdad; OC SAFI v Wydad SC; AS Otoho v Zamalek; AS Manorama Union v A.S.M.A

Imidlalo yama-quarterfinal yeCAF Champions League: 

RS Berkane v Al Hilal SC; Esperance ST v Al Ahly FC; Mamelodi Sundowns v Stade Maliene; AS FAR v Pyramids FC