EzakamuvaIbhola

UMashamaite uyalela iChiefs umgadli ongaxazulula eyamagoli

UTefo Mashamaite, owayengukaputeni weKaizer Chiefs, unxenxa leli qembu ukuthi lifongqe isigqoko kwiToronto FC ngomgadli walo uCassius Mailula.

Lo mgadli osemncane ulizwa ngendaba ijezi kuleli qembu elidlala kwi-US Major League Soccer (MLS) kusukela elijoyinile ekuqaleni kwesizini. 

UMailula uhambe kuleli kade engomunye wabadlali abenza kahle kwiMamelodi Sundowns futhi eselunguza naseqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Ukungadlali kwakhe kwiToronto kwenza uMashamaite abone leli qembu lingavuma uma iChiefs ingayocela ukubolekwa yena ngesizini ezayo.

“IKaizer Chiefs iyamdinga kakhulu uCassius Mailula njengoba engumgadli okwaziyo ukuqedela amabhola, ashaye amagoli,” kusho uMashamaite.

“UMailula uhambe kuleli kade ewaqhulula amagoli kwiMamelodi Sundowns.

“Kodwa wafika kwiToronto wakhuhla ibhentshi isizini yonke engadlali. 

“Manje iChiefs ibhekene nengwadla yokushaywa kwamagoli phambili njengoba abagadli be abakhona ubasinda lo msebenzi.” 

IChiefs ithembele ko-Ashley Du Preez, Ranga Chivaviro noJasond Gonzalez kodwa babsakhomba ukuba buthuntu. 

Manje kubhekwe ukuthi iChiefs iqinise kakhulu phambili ngesizini ezayo, kanti uMashamaite uboba uMailula engaba yisixazululo. 

Ziningi izinguquko ezibhekwe kwiChiefs njengoba neyomqeqeshi sekuqinisekisiwe ukuthi kuzobe kukhona omusha ngesizini ezayo.

Lokhu kuqinisekiswe yisikhulu saMakhosi, uKaizer Motaung Junior kulo leli sonto ngesikhathi kunesikhumbuzo sikaLuke Fleurs eFNB Stadium.