EzakamuvaiDStv Premiership

I-PSL icacisa ngamathikithi awu-R100 koweRoyal AM neChiefs 

I-Premier Soccer League (iPSL) icacisa ukuthi akunankinga uma amaqembu enyusa imali okuthengwa ngayo amathikithi emidlalweni othile yeDStv Premiership.

Iphawula kanjena nje iPSL ibibuzwe yiMpempe ukuthi kusuke kusekahle yini uma ithikithi lomdlalo weligi, libiza u-R100 lilinye, ngoba nakhu umdlalo uthinta iqembu elithathwa njengelikhulu.

Amathikithi omdlalo weRoyal AM neKaizer Chiefs, abiza u-R100 ithikithi lilinye, lomuntu omdala.

IThwihli Thwahla iyona ezobe ingosokhaya kulo mdlalo weDStv Premiership, ongeSonto ngo-3.30 ntambama, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

Iqembu elisuke lidlalela ekhaya yilona elihlomula ngemali yamathikithi, bese kube nengxenye ethile enikwa iPSL. Linelungelo lokwenyusa imali emidlalweni emikhulu.

“Imali yamathikithi ime ku-R40. Nokho imali iyehluka kuncike ekutheni yimuphi lowo mdlalo,” kusho uFhatuwani Mpfuni okhulumela iPSL.

“Uma ufuna ukwazi kahle imali eqondile (yamathikithi) kuyomele ukhulume naqembu ngqo, ngoba akama imali ehlukile.

“Kodwa yinto efanayo emhlabeni wonke. Isibonelo nje umdlalo wasekhaya weManchester United, ngeke ufane nowasekhaya weManchester City, njalonjalo…”

Lokhu okucaciswa yiPSL kuchaza ukuthi isivumelwano esimile sokudayisa amathikithi u-R40 kodwa amaqembu anemvume yokwenyusa imali yethikithi ize ifike ku-R100 emidlalweni yawo yasekhaya.

Amaqembu amaningi adla kahle uma ebhekene neChiefs ekhaya ngoba inabalandeli abaningi, futhi bayaya impela ezinkundleni noma ingenzi kahle.

Nakwi-Orlando Pirates kucisho kube yinto efanayo, ikakhulukazi uma idlalela KwaZulu-Natal.

Akungabazeki ukuthi iHarry Gwala Stadium izogcwala phama ngeSonto, yize ithikithi lalo mdlalo libiza u-R100 lilinye.