IMarumo Gallants ayiyiphiki eyokukweleta iSwallows ngesitifiketi sePremiership
SIHLE NGUBO
IMarumo Gallants FC iqinisekisa ukuthi iqembu selithunyelelwe amaphepha asenkantolo, ngoLwesihlanu, mayelana nodaba oluthinta ukidayiselana neMoroka Swallows.
Ezinsukwini ezedlule kuvele ukuthi iSwallows seyihoxise isivumelwano sokudayisela iGallants isitifikeni sayo sokudlala kwiBetway Premiership.
Kuvela ukuthi iGallants ayizange isigcine isethembiso, yangayikhokha imali ephelele njengokwesivumelwano esibhalwe phansi, manje iSwallows seyithathe izinyathelo.
I-PSL neSafa sebazisiwe ngalokhu, kanti isithunywa senkantolo kulindeleke ukuthi sixhumane nalezi zinhlangano ezinsukwini ezizayo.
Kuvela ukuthi iMarumo isakweleta u-R13 million ohambisana nenhlawulo ngaphezulu.
Esitatimendeni iGallants iyavuma ukuthi udaba lwayo neSwallows yinto ekhona.
“Okwamanje njengoba udaba lusenkantolo, iqembu ngeke liphawule noma likhulume nabezindaba ngalo,” kusho isitatimende seGallants.
“IMarumo Gallants FC iyasihlonipha isimo sezomthetho esiqhubekayo, futhi izosivumela ukuthi siqhubeke ngokwemigudu efanele.
“Iqembu lifisa ukuqinisekisa abalandeli balo, elibambisene nabo, kanjalo nabaxhasi ukuthi konke kuzoqhubeka njengenjwayelo.
“Abaphathi beqembu, yithimba labaqeqeshi nabadlali, bazinikele kumalungiselelo kuze kuphele isizini eqhubekayo.
“IMarumo Gallants iyabonga kakhulu ngokwesekwa ekuthola kubalandeli bayo, nalabo abaxhumene neqembu kulesi sikhathi.
“Ukuxhumana okulandelayo kuzobuye kwenzeke uma sekuyisikhathi esifanele.
“Okwamanje iqembu ligxile emdlalweni olandelayo elizowudlala neDurban City ngoMashi 1.”
IGallants ibhuquziswe yi-Orlando Pirates ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership ngempelasonto.

