EzakamuvaiNedbank Cup

OweNatal Rich Boyz ufuna baqukule iNedbank Cup

SIHLE NGUBO

UPapi Zothwane, ongomunye wabaqeqeshi abathathu beRichards FC, uthi yinto abazimisele ngayo ukunqoba iNedbank Cup njengamanye amaqembu adlala kulo mqhudelwano.

INatal Rich Boyz izotholana phezulu nomakhelwane AmaZulu FC, emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup, eMhlathuze Sports Complex, ngoLwesihlanu, ngo-7 ebusuku.

Lo mdlalo, okulindeleke ukuthi ushube, ungeminye yaleyo ezoqinisekisa ukuthi nakanjani akhona amaqembu aKwaZulu-Natal azodlulela kuma-quarterfinal kulo mqhudelwano.

Komunye umdlalo oqhathe amaqembu akulesi sifundazwe, kuzotholana phezulu iMilford FC neMkhambathi FC, khona eMhlathuze Sports Complex, ngeSonto ngo-3 ntambama.

UZothwane, owayeyibamba kwiLamontville Golden Arrows neBafana Bafana, wazi kahle ukuthi ngeke kube lula ukudlala noSuthu olukhombisa umfutho kulezi zinsuku.

“Kuzoba umdlalo onzima kakhulu uma ubheka ukuthi AmaZulu abelokhu enza kahle,” kusho uZothwane oke wadlala kwiMamelodi Sundowns.

“Buka nje ukuthi bakuphi kwilogi. Kithina kuzoba umqansa yize sizobe sidlalela ekhaya.

“Kodwake sinqobile ekuhambeni sibhekene neSiwelele FC, nawo okungumdlalo obungelula neze.”

IBay inqobe ngo 4-3 kwiSiwelele sekukhahlelwa amaphenathi, ngemuva kokuthi umdlalo wawuphele ngo 3-3 emizuzwini engu-120.

Yize uZothwane ezwakalisa ukuthi bazoluhlonipha Usuthu kodwa kuyinto emnika ukuzethemba ukuthi badlalela ekhaya.

“Uma ukhumbula kahle iqembu bese kunesikhathi eside lingadlali eMhlathuze,” kuqhuba uZothwane.

“Abadlali bazi kahle ukuthi yini elindeleke kubona uma bedlala eMhlathuze. Abazidlaleli bona kodwa badlalela abalandeli.

“Abantu bese belilambele kakhulu ibhola, ngakho nabo lokho kubanika umfutho othe xaxa ngoba abalandeli bayabeseka.”

UZothwane uthe bangathanda ukunqoba iNedbank Cup ngoba kungasho lukhulu kubona.

“Indebe yomkhumulajezi ikunika ithuba, ishintsha impilo ngoba ukunqoba owamanqamu kunika abadlali amabhonasi,” kuqhuba uZothwane.

“Kodwa njengeqembu sigxile ekutheni sidlale umdlalo ngamunye. Emidlalweni yemikhumulajezi iqembu lilokhu lenza kahle kakhulu.

“Nakanjani usuke ufuna ukunqoba indebe, iyona inhloso enkulu leyo. Into oyifunayo ukunqoba indebe futhi ngicabanga ukuthi wonke amaqembu afuna lokho.

“Yinto engenzeka leyo uma ubheka ukuthi yimaphi amaqembu aseke anqoba le ndebe phambilini. Nakithina akwehlukile.”

Emaqenjini athathwa njengamancane aseke anqoba iNedbank Cup, kubalwa iTS Galaxy, eyinqobe isadlala kwiMotsepe Foundation Championship, neTshakhuma.