EzakamuvaIbhola

Kushone umdlali weqembu elizodlala neSundowns

SIHLE NGUBO 

IWydad Casablanca izodlala neMamelodi Sundowns isemanzini kulandela ukudlula emhlabeni komdlali wayo obebukeka enekusasa elihle.

IWydad imemezele ukudlula emhlabeni komdlali wayo wasemuva kwesokunxele, u-Ossama Falouh (24), obekwikhoma ngemuva kokuba sengozini yemoto emasontweni edlule. 

Lo mdlali kuvela ukuthi ubenekhono elikhulu futhi ubebukeka enekusasa elihle ngoba ubesemncane.

Leli qembu laseMorocco lizokwamukela amaBrazilians ekhaya ngeSonto, emlenzeni wokuqala womdlalo wamanqamu we-African Football League (AFL). 

Umdlalo womlenze wesibili useNingizimu Afrika eLoftus Stadium ngoMgqibelo ozayo (Novemba 11). 

Kuyacaca ukuthi abalandeli bebhola bayobe bekhomba ngophakathi eGauteng njengoba ngosuku olufanayo kuyobe kudlala owomkhaya phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, eFNB Stadium. 

Sebeyozikhethela ukuthi yimuphi umdlalo abayoya kuwona kule emibili emikhulu.

ISundowns isethubeni lokuzitholela u-R76 million uma igcina ibe ngompetha be-AFL.

Ngaphezu kwalokho izoqopha umlando ngokuqukula le ndebe edlalelwa okokuqala e-Afrika.

EzikaRulani Mokwena zifike kowamanqamu ngemuva kokugudluza izimbangi ezindala i-Al Ahly yase-Egypt, kowandulela owamanqamu. 

FUNDA NALA: U-Ellis uphumele obala ngokuduba kukaVan Wyk iBanyana

Kube ngu 1-0 sekuhlanganiswe imilenze emibili. Kowokuqala kuwine iSundowns ngo 1-0 eLoftus Stadium, kwathi kowesibili kwaba ngu 0-0 eCairo.