EzakamuvaIbhola

Isha nesobho iChiefs, abadlali okumele bayephule

IKaizer Chiefs inengcindezi yokuthi inqobe nakanjani emdlalweni wayo olandelayo, kungenjalo abalandeli bayo bangase bayiphendukele.

Kuvele sekukhona abalandeli abanengekile ngesimo ezithola ikusona iChiefs, sokwehluleka ukuwina imidlalo elula.

Amakhosi avale unyaka odlule ngokubambana neSekhukhune United ngo 1-1 ngoDisemba, nalapho bangenama nhlobo abalandeli.

Ngesikhathi se-Africa Cup of Nations (Afcon) iChiefs ibinesikhathi sonke sokulungisa amaphutha, iziqeqesha kanzima, ngoba ibingenabo abadlali kwiBafana Bafana.

Nokho kube nebohlololo elikhulu kubalandeli bayo ngesikhathi ibambana neRoyal AM ngo 0-0, ngemuva kokubuya kwemidlalo yeDStv Premiership.

Kulowo mdlalo kugqame kakhulu ukugeja kwabadlali baphambili, ikakhulukazi u-Ashley Du Preez, othole inqwaba yamathuba amahle kodwa dololo igoli.

Kube sekufika umdlalo weNedbank Cup Last 32, lapho Amakhosi abebhekene khona neqembu eligijima kwiMotsepe Foundation Championship, iMilford FC.

Lapho bekulindeleke ukuthi iqembu laseNaturena liwine ngembudlu yamagoli, kodwa nakhona lehluleka lancama ukuthola igoli.

Umdlalo uphele ngo 0-0 emizuzwini engu-120, kwathi sekukhahlelwa amaphenathi kwawina iMilford FC ngo 5-4.

Lokhu kubacasule kakhulu abalandeli beChiefs asebephenduke inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana. 

Abanye basola ukungazimiseli kwabadlali, kanti kukhona abashaya amakhala ngomqeqeshi, uCavin Johnson.

Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi ingcindezi inkulu kakhulu manje kuMakhosi, futhi abadlali kumele baqine kakhulu ngokwemiqondo.

Selokhu kuqale unyaka u-2024, iKaizer Chiefs ayikalishayi igoli emidlalweni emibili.

Lokhu nakanjani akubukeki kahle eqenjini elihlonishwa kangaka.

IKaizer Chiefs kuzomele izame ukukhohlwa isimo ephuma kusona emasontweni edlule, uma isitholana phezulu neMoroka Swallows emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, ngoMgqibelo, ngo-5.45 ntambama.

Sekulele kubadlali beChiefs ukuthi bazongena enkundleni bekusiphi isimo somqondo kulo mdlalo. 

Kumele bawine kumnyama kubomvu kulo mdlalo, ukuze iphalishi lingaphenduki uphuthu ngokushesha – sekushe kwangqongqa eziko.