URulani Mokwena ubonwa njengomqeqeshi ongabuyisa isithunzi seKaizer Chiefs
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weMC Alger yase-Algeria, uRulani Mokwena, uyena ongaqondisa izinto kwiKaizer Chiefs, ngokubona komqeqeshi u-Allan Freese.
Njengamanje Amakhosi aqeqeshwa uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef, okungabaqeqeshi ababambile kuze kuphele isizini.
Laba baqeqeshi bekungamaphini kaNasreddine Nabi, waseTunisia, oshiye iqembu kungalindelwe ngasekuqaleni kwesizini.
Kubhekwe ngabomu ukuthi iChiefs izoqasha muphi umqeqeshi uma sekuphela isizini njengoba kubambe laba ability.
Leli qembu laseNaturena like lamataniswa nokuqasha uPitso ‘Jingles’ Mosimane okumanje akanalo iqembu alicijayo.
Nokho muva nje uMosimane emataniswa nokubuyela kwiMamelodi Sundowns, okuyiqembu ayeliqeqesha ngaphambi kokujoyina i-Al Ahly yase-Egypt.
UMokwena wenza kahle kakhulu neMC Alger njengoba kuyiyona ezihola phambili kwiligi yase-Algeria.
Leli qembu lisekhona kwiCAF Champions League esifinyelele esigabeni semidlalo yamaqoqo.
“Yebo ungumqeqeshi waseNingizimu Afrika futhi uyalazi usiko lweChiefs, uyazi ukuthi iChiefs imayelana nani,” kusho uFreese owayedlalela i-Orlando Pirates.
“Angayibamba iChiefs. Angikuthandabuzi lokho.”
“Useke waqeqesha iMamelodi Sundowns, yize kungeke kufane neChiefs ngokokulandelwa kweqembu nezinye izinto, kodwa unakho konke okudingekayo ukuqeqesha iChiefs.”
Ngaphandle kokuqeqesha iSundowns uMokwena uke wathi xhinti kwiPirates lapho abeyiphini lomqeqeshi isikhashana.
Useke wagcina neWydad Athletic Club yaseMorocco, ahlale kuyona isizini eyodwa kuphela kwase kuhlukana izindlela.
Amakhosi azobuyela enkundleni ngokubhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesibili (uJanuwari 20).

