‘IChiefs ayibagcine abaqeqeshi abebebambile,’ kusho owayedlala kwiPirates
SIHLE NGUBO
Njengoba kusele amahora ambalwa ukuthi kusongwe isizini yeBetway Premiership kubhekwe izinguquko kwiKaizer Chiefs, ethimbeni labaqeqeshi nakubadlali.
Abaqeqeshi ababili ababambile, uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef, kulindeleke ukuthi abaphathi beqembu bathathe isinqumo sokuthi bayahlala yini noma bayakhululwa.
Lesi sinqumo singase sibe nzima uma kubhekwa ukuthi iChiefs yenze kangcono kakhulu kule sizini, njengoba izoqeda endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership.
Kukhona nabadlali abangase bangabuyi ngesizini ezayo ngoba izinkontileka zabo ziyaphela ngoJuni.
Kulabo badlali kubalwa uPule Mmodi, u-Ashley du Preez, uGaston Sirino, uNkosingiphile Ngcobo noHappy Mashiane, obolekiswe kwiSiwelele FC.
Nokho uma kukhulunywa ngabaqeqeshi ababili abebebambile, uPhumudzo Manenzhe, ongumhlaziyi kwiSuperSport TV, ubona kungewona umqondo omuhle ukubadedela.
“Ngicabanga ukuthi uma behlala iKaizer Chiefs izonyukela kwelinye izinga,” kusho uManenzhe owayedlala kwi-Orlando Pirates, ohlelweni lweSuperSport TV i-Extra Time.
“Kodwa uma kufika umuntu omusha kumele aqale phansi. Ababagcine laba baqeqeshi.
“IChiefs ibingekho ngisho kwiTop 8 ngesizini edlule.
“Njengamanje seyizibekisele indawo kwiCAF Confederation Cup, ngenxa yalaba baqeqeshi ababili abakhona. Cha abanikwe ithuba.”
Abalandeli abaningi beChiefs bafuna iqembu labo liqashe uPitso Mosimane, okuyimanje akanalo iqembu aliqeqeshayo.
Kuke kwaba khona namahlebezi okuthi iChiefs izama ukuthola uManqoba Mngqithi oqeqesha iLamontville Golden Arrows.
Amakhosi azovala isizini yeBetway Premiership ngokubhekana neChippa United, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

