Inhlanhla ukudlala neDonws ixakekile, kodwa iMaritzburg iyasola
By Sbongs Gumbi
IMaritzburg ikubona kunokwenzelela ukudlaliswa kwayo kuqala amanye amaqembu esengcupheni yezembe nawo ezodlala ngempelasonto.
Kodwa lokhu kungenzeka kube yinto enhle kuyo. Usihlalo weMaritzburg, uFarouk Kadodia ukuvezile ukungeneliseki kwabo ngalokhu.
IMaritzburg izoqeda imidlal yayo yeDStv Premiership kule sizini ngokuvakashela iMamelodi Sundowns ePitoli ngoLwesibili ntambama.
Lo mdlalo uzodlalwa kusasele izinsuku ezine ngaphambi kokuthi iChippa United neMarumo Gallants – ababhajwe neMaritzburg ezembeni – badlale eyabo yokugcina.
“Siphoxekile. Sifake isicelo kwiPSL ukuthi le midlalo idlalwe ngesikhathi esifanayo kodwa sachithwa,” kusho uKadodia.
Ubekhuluma nabezindaba ngoMgqibelo kulandela ukunqoba kwabo kwiStellenbosch FC ngo 1-0 okubanike ithemba lokuvika izembe.
“Lento yokungenzeleli kwiPSL ngathi into engekho. Lezi zizathu abasinike zona zokuthi kungani kungeke kwenzeke lokhu azithi shu.
Nomqeqeshi waleli qembu laseMphithi, uFadlu Davids uveze ukungeneliseki ngalokhu, ethi kungaze kudayiseke imidlalo uma kunje.
“Kunzima ngoba ngosuku lokugcina lwemidlalo usuke ungafuni ukucabanga ngokuthengiswa kwemidlalo.
“Sesethembe ukuthi iGolden Arrows izobphela iqembu eliqinile, neSwallows izowafuna ephelele amaphuzu ukuze ingene kwiTop 8.”
I-Arrows izobhekana neChippa ekuhambeni bese iSwallows ibe sekhaya ibhekene neGallants emidlalweni yokugcina.
“Kodwa ake siyibuke kanje lento. Asithi thina siyehlulwa (yiSundowns) bese lamaqembu womabili adlale ngokulingana, akuyona into ebhekiwe leyo.
“Uma imidlalo idlala ngesikhathi esifanayo, izinto ezifana nalezi awuzicabangi,” kuchaza uDavids.
Kodwa njengoba iSundowns izobe icabanga ngomdlalo wayo weCaf Champions League ngempelasonto, izinto zingas ezivune iMaritzburg.
ISundowns izobhekana neWydad Athletic emlenzeni wesibili wemidlalo eyandulela owamanqamu ekhaya ngoMgqibelo.
Idlale ngokulingana ekuhambeni kanti njengoba seyaqeda kudala ngeligi yakuleli, kucacile ukuthi okubaluleke kakhulu kuyo yilo mdlalo weWydad.
Futhi ke kusukela iSundowns yasinqoba kusasele imidlalo eyisikhombisa isicoco seligi, isike yawalahla amaphuzu kusukela lapho.
FUNDA NALA: Kusolwa abaqeqeshi bakuleli ngesimo soZungu, Jali nabanye
IMaritzburg yona kuzomele iwakhiphe wonke amangwevu ayo, ikhombise lokhu kulwa ekukhombise kwiStellenbosch.
Kwazi bani, mhlwumbe ingabuya nawo ephelele nje amaphuzu, ibe sethubeni lokuphuma ezembeni.