Ezakamuva

UNdlovu uthunywe yi-Arrows eNiniva (kwiBucs) yena ufuna ukuya eTharashishi (kwiDowns)

SIHLE NGUBO

Kubukeka kunesiphithiphithi ngokuthi uzosayina kuliphi iqembu umdlali weLamontville Golden Arrows uSiyanda Ndlovu , oyinyama emaqenjini eBetway Premiership.

UNdlovu kuke kwavela ukuthi ubegaqelwe amaqembu amakhulu eNingizimu Afrika, iKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.

Nokho kuyaziwa ukuthi i-Arrows ayihwebelani neChiefs ngabadlali, ngakho leli qembu laseNaturena livele langazihlupha kakhulu, ngoba usenenkontileka ne-Arrows.

Imibiko yakamuva engaqinisekisiwe ithi iSundowns inunusele uNdlovu ngo-R370 000, angawuhola ngenyanga uma eyijoyina.

Ekuqaleni i-Arrows kuthiwa ikhethe ukusa umdlali kwiPirates, enobudlelwano obuhle nayo.

UNdlovu ubesenze konke kwiPirates kwavunyelwana, sekusele ukuthi iBucs ikhokhele i-Arrows imali yayo ngoba ubesenenkontileka naBafana Bes’thende.

Kuvela ukuthi i-Arrows ayijabulanga nakancane ngemali ebizokhishwa yiPirates, ngoba umdlali ubesenenkontileka yeminyaka emibili.

Kuthiwa uNdlovu ushiye kanjalo ekhempini yePirates, wangabe esabuya. Kukholakala ukuthi uzovumbuka kwiSundowns egxume yahlala izwa ukuthi abavumelananga neBucs.

KwiPirates kuvela ukuthi uNdlovu ubezohola u-R72 000, kanti iSundowns imthembisa u-R370 000.

Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni eminingi edlule uPapi Zothwana walandwa yi-Arrows esesayinile kwiChiefs, waze wethulwa ngokusemthethweni eNaturena.

I-Arrows yathi lo mdlali wayesenenkontileka nayo, nokuyinto asayiphika namanje uma ebuzwa ngalolu daba.

Ngokusho kukaZothwane wasayina kwiChiefs ngoba seyiphelile inkontileka yakhe ne-Arrows. Usola ukuthi bayinkonkothela inkontileka yakhe nokwamphoqa ukuthi abuyele kwi-Arrows.

Ngesizini elandelayo uZothwane wajoyina iSundowns nokuyilapho engagqamanga khona. Usakusho namanje ukuthi iphupho lakhe kwakuwukudlalela iChiefs.

UPule Mmodi kudingeke ukuthi alinde inkontileka yakhe ne-Arrows ize iphele ukuze ajoyine iChiefs.

Kuvele ukuthi i-Arrows ibifuna aye kwiPirates kodwa umdlali engayingeni leyo.

UMmodi uze waxabana nemenenja yakhe njengoba engayitshelanga ngesikhathi eseyosayina kuMakhosi.

Nokho indlela izinto ezenzeka ngayo njengamanje kubukeka kuyiSundowns ezothola uNdlovu, uma ivumelana ngemali ne-Arrows.