EzakamuvaIbhola

Zaqala ngaphambi kweNdebe yoMhlaba izingxoxo ngokuhamba kowePirates

SIHLE NGUBO

I-Orlando Pirates yaqeda kudala neRoyale Union Saint-Galloise yaseBelgium, mayelana nokudayiselana umdlali wasesiswini uRelebohile Mofokeng.

Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe yileli qembu, lapho licacisa khona ngokuhamba kukaMofokeng.

I-Pirates ikuqinisekisile ukuthi uyashiya uRele, njengoba aziwa ebholeni, nokuthi seyivumelene neSaint-Gilloise.

“Yize amaqembu amabili eseziqedile izingxoxo mayelana nemali nakho konke okunye, i-Orlando Pirates ingakuqinisekisa ukuthi ukuhamba kukaRele kuzocaciswa imiphumela yokuhlolwa kwakhe nokuqedela okuthinta yena naleli qembu leBelgian Pro League,” kusho isitatimende seBucs.

“Iqembu lingakudalula futhi ukuthi isivumelwano phakathi kwePirates neSaint-Gilloise kwafinyelelwa kusona ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.

“Womabili amaqembu athatha isinqumo sokuthi kungamenyelwa lutho kuze kudlule umqhudelwano.

“Besifuna uMofokeng agxile kwiNdebe yoMhlaba neBafana Bafana ngaphandle kokuphazanyiswa izingxoxo, nokuvumela ukudlala okuwumlando kweqembu lesizwe ukuthi kuqhubeke.

“Akukho okunye ukuphawula okuzokwenzeka njengamanje, kuze kube konke okwenzeka kumdlali neSaint-Gilloise kuyaphothulwa.”

URele uzoba umdlali wesibili, ngemuva kukaPercy Tau, ukuyodlalela iSaint-Gilloise, engompetha baseBelgiam.

Lo mdlali uvele uselibangise eBelgium, esuka eLos Angeles, njengoba iBafana Bafana seyiphumile kwiNdebe yoMhlaba.

EzikaHugo Brood kulindeleke ukuthi zitheleke eNingizimu Afrika ngoLwesine.

IBafana Bafana ishaywe yiCanada ngo 1-0 emdlalweni weLast 32 yeNdebe yoMhlaba ngeSonto.

Bekungokokuqala ngqa emlandweni ukuthi iqembu lakuleli lidlulele emzuliswaneni womkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba.