Kuvela eyokusatshiswa ngokubulawa kuPitso Mosimane esaqeqesha iDowns
INTATHELI YEMPEMPE
Mancane kakhulu amathuba okuthi uPitso “Jingles” Mosimane abuyele kwiMamelodi Sundowns, kulandela izinsolo zakamuva zokuthi lo mqeqeshi wasatshiswa ngokubulawa esaqeqesha leli qembu.
Lokhu kuvele ngesikhathi kulalelwa ukudluliswa kwecala elithinta uMosimane, yiMT Sports neSundowns, ngoLwesithathu ngesonto eledlule.
Ngokubika kwe-One News Network (ONN), uMosimane neMT Sports, ephethwe umkakhe uMoira Tlhagale, bayaqhubeka nokudlulisa icala elibalahlile nyakenye eNkantolo ePhakeme eGoli, lokuthi bakhokhe u-R7,912, 905 abawukeleta iSundowns, uhambisana nenzalo kusukela ngoMeyi ka-2021.
Lokhu kulandela ukushiya iSundowns kukaMosimane ngoSepthemba ka-2020, lapho kwakusaphele izinyanga ezimbalwa esayine inkontileka entsha ende, wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt.
Ngo-Agasti nyakenye inkantolo ivune iSundowns, yayalela lo mqeqeshi ukuthi akhokhe le mali, ngoba ngokomthetho owawubhalwe phansi kwakumele kube njalo uma ehamba zingakapheli izinyanga eziyisithupha zokusayina inkontileka entsha.
Ngesikhathi kulalelwa ukudluliswa kwecala ngoLwesithathu olwedlule (uJanuwari 14), abammeli bakaMosimane baveze izinsolo ezishaqisayo zokuthi ukushiya kwakhe iSundowns kwakungekho mayelana nenkontileka kuphela, kodwa kwase kukhona ukusatshiswa ngokubulawa nokungaphathwa kahle ubuholi beqembu.
Ngokwamaphepha asenkantolo, uMosimane wabika ngokusatshiswa ngokubulawa kowayengumengameli qembu ngaleso sikhathi, uPatrice Motsepe, nomqondisi uRejoice Simelane, kodwa akukho okwenziwa.
Kunalokho uMosimane kuthiwa watshelwa ukuthi akaxolise kuMotsepe nalabo ayebasola ngokubeka impilo yakhe engcupheni.
Okuqaphelekayo ukuthi ngesikhathi kuqulwa icala nyakenye, uSimelane akazange aziphike lezi zinsolo, kodwa waphendula ngokuthi: “Anginayo impendulo Nkosi yenkantolo.”
Ummeli u-Eric Mabuza, weMabuza Attorneys, ukuqinisekisile ukuthi icala lidluliselwe phambili kodwa okwamanje isinqumo sisagodliwe.
“Silinde isinqumo sejaji. Isikhathi asikho ezandleni zethu,” kusho uMabuza kafushane.
Konke lokhu kwenza kungabazeke ukuthi izingxoxo ezikhona zokuthi uMosimane abuyele kwiSundowns, zizogcina zibe nomphumela omuhle.
Ngesikhathi iSundowns ibhekene ne-Orbit College, emdlalweni weBetway Premiership ewunqobe ngo 2-0 ngoMsombuluko, bekusahleli uMiguel Cardoso ebhentshini.
Emasontweni edlule abalandeli beSundowns bebelindele ukuthi leli qembu laseChloorkop lichithe uCardoso, bese libuyisa uMosimane olinqobele izindebe eziningi kumasizini edlule.

