UKomphela engakujabulela ukuqinisa lapha nalapha kwiSwallows
Yize uSteve Komphela ebemanqika ukubalula izindawo afuna ukuziqinisa, ethi wenqena ukuthi abadlala kuzo bengase bakuzwe kabi lokho, kodwa yena uyafisa ukuthola oyedwa noma ababili.
Iwindi lokusayinwa kwabadlali kwiPSL liyavalwa ngoLwesihlanu lukaSepthemba 22.
Ngemuva kwalokho amaqembu engababhalisa abadlali abangenamaqembu.
Iqembu likaSteve Komphela, iMoroka Swallows libukeka lihlangene kahle futhi linabadlali abanamava.
Nokho abakwazanga ukulisiza lithelwa induku ka 1-0 lisekhaya yiRichards Bay ngoLwesihlanu kusihlwa emdlalweni weDStv Premiership.
“Ngeke uthi sewuqedile (ukusayina abadlali). Kade ngikhuluma nomqeqeshi weRichards Bay nje, encoma ethi, ‘kodwa nineqembu elihle’.
“Impela sinalo iqembu elihle esilithembayo futhi elizithembayo,” kusho uKomphela ngemuva obuseDobsonville Stadium.
“Sikholwa wukuthi ngeke uyeke ukuhlwaya, ukubheka… Ngicabanga ukuthi ngaphandle kokuthi kube ngathi khona engibatshela okuthile…
“Ngoba uma ngingathi ngifuna umdlali wasemuva, noma ngithi ngifuna umgadli, abadlali bazokufunda engikushilo.
“Laphoke odlala kuleyo ndawo uzobe eseqala ezibuza ukuthi ngabe lokho kusho ukuthi asenelisekile yini ngaye.
“Ngeshwa uKeagan Allan ulimele, uphukile kodwa uzobuya maduze nje… Kodwa ngabe sinabo abenele ukuvala isikhala?
“Ngicabanga ukuthi siyamdinga omunye umdlali wasemuva kwesokunxele.
“Yebo uVusi (Sibiya) wenza kahle kodwa siyamdinga omunye ozokwenza kahle naye,” kuchaza uKomphela.
FUNDA NALA: UPitso Mosimane ululeka abadlali bePirates
ISwallows izobuyela enkundleni ngoLwesibili la izobhekana khona neStellenbosch FC ekuhambeni.