EzakamuvaiNdebe yoMhlaba

UMessi ukhalisa ‘ibhadu’ yakhe ngenkani kwiNdebe yoMhlaba

SIHLE NGUBO

Ukaputeni we-Argentina, uLionel Messi, usekhombisile ukuthi ulithwele iqembu aliholayo, futhi ufuna ngakho konke ukuthi linqobe iNdebe yoMhlaba ka-2026.

Lo mqhudelwanoico, obanjelwe e-USA, iseCanada naseMexico, uzofinyelela emaphethelweni ngeSonto, kanti seyiqalile impikiswano ngokuthi ngabe yiliphi iqembu elizoba ngompetha.

UMessi uphinde wakhombisa umhlaba ukuthi kukhala esakhe isicathulo kwiNdebe yoMhlaba, ngesikhathi ephula izinhliziyo ze-England seyithembile emdlalweni owandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba ngoLwesithathu.

AmaNgisi abehamba phambili ngo 1-0, wegoli lika-Anthony Gordon, sekusele imizuzu emihlanu ukuthi umdlalo ufinyelele ku-90.

UMessi, ogijima kwi-Inter Miami edlala kwiMLS, e-USA, ushaye ikhona emfushane, ibhola labuyela kuyena walibeka ku-Enzo Fernandez olibeke phakathi kwaba ngu 1-1, ngomzuzu ka-85

Kwengezwe imizuzu eyisishiyagalolunye, kanti iqembu ebelicindezela kakhulu iyona i-Argentina.

Bese kubukeka sengathi umdlalo uzoya esikhathini esengeziwe kodwa wabuya uMessi nemilingo yakhe.

Ugobe ibhola ngonyawo lwesokudla (okungelona alusebenzisa kakhulu) lathola ikhanda lika-Lautaro Martinez, obesuka ebhentshini, waliqabulisa inethi, kwahwalala kumaNgisi, kwaphela Lungu 2-1.

I-Argentina ibingaqali ukubuya ekugcineni kule Ndebe yoMhlaba eqhubekayo, njengoba yenze okufanayo ibhekene ne-Egypt emdlalweni weLast 16.

EzikaFaro zazihamba phambili ngo 2-0 sekusele imizuzu engu-11 ukuthi kuhlangane engu-90.

Wabuya uMessi wabhidisa iqembu lakhe, lashaya amagoli amathathu, umdlalo wagcina uphele ngo 3-2.

Elinye lamagoli lashaywa uyena uqobo lo mdlali, oneminyaka engu-39, ngomzuzu ka-83 futhi ilona elenza kwaba ngu 2-2.

Njengamanje uMessi unamagoli ayisishiyagalombili kwiNdebe yoMhlaba ka-2026, kanti ubambene noKylian Mbappe waseFrance.

Bobali laba badlali banethuba lokukhala bemuke nomklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi kulo mqhudelwano, nonyaka.

IFrance izobhekana ne-England emdlalweni wokuhlunga ozolala isithathu kwiNdebe yoMhlaba ka-2026, ngoMgqibelo, ngo-11 ebusuku.

Owamanqamu obhekwe ngabomvu, uzoba phakathi kwe-Argentina neSpain, eNew Jersey Stadium, eNew York, ngeSonto, ngo-9 ebusuku.

UMessi unethuba lokuqukula iNdebe yoMhlaba okwesibili kulandelana, nokungakhombisa ukuthi uyinkunzi yomdlali.

I-Argentina iyona ebe ngompetha bomhlaba ngo-2022, ngemuva kokushaya iFrance kowamanqamu eQatar.