UMphahlele washiya iDowns waya kwiChiefs ukuze afundise izingane zakwabo
SIHLE NGUBO
Ingwazi yebhola yaseNingizimu Afrika, uRamahlwe Mphahlele, ingenye yalezo eziziphathe ngenhlonipho zaphinde zaba abaholi abayisibonelo esihle kubadlali abasakhula kunobhutshuzwayo.
Akumangazi ukuthi uRama, njengoba aziwa kunobhutshuzwayo, ubefike abe ngukaputeni emaqenjini ePremier Soccer League (PSL) aseke wawadlalela.
UMphahlele uzakhele igama esadlala kwiMoroka Swallows phakathi kuka-2007 no-2011. Ukhulele enkulisa yazo iZinyoni.
Ubeshaya into ecokeme emuva kwiSwallows, nokwenza ukuthi iMamelodi Sundowns iheheke isitayela sakhe.
Ube esasayina kuleli qembu laseChloorkop ngawo u-2011, nokuyilapho kucace khona ukuthi uya kude nonobhutshuzwayo.
Nokho akufikanga kwaba lula ukungena kuBafana Ba’Style nokwaholela ekutheni uMphahlele abolekiswe kwi-University of Pretoria ngo-2012 kuya ku-2013.
Ngesikhathi esebuyela kwiSundowns uMphahlele ufike walikhuphula kakhulu izinga, waze wagcina esegqoka ibhande likakaputeni.
Ngemuva kweminyaka emihlanu edlalela iqembu laseChloorkop, uMphahlele uyishiyile iSundowns wajoyina iKaizer Chiefs.
Lokhu kumangaze abalandeli bebhola abaningi ngoba ubengukaputeni weqembu, futhi ebukeka eneme ngaphansi komqeqeshi uPitso “Jingles” Mosimane.
UMphahlele usegcine evezile ukuthi kungani ashiya iDowns wafudukela eNaturena.
“Isizathu esenza ukuthi ngishiye iSundowns ukuthi udadewethu wayefuna ukuya eNyuvesi, futhi wayengenayo imali,” kusho uMphahlele.
“Ngangingenzi imali etheni. Umnewethu naye wayesezoqeda esikoleni ezodinga ukuya eNyuvesi.
“Ngakho okwami ukuthi ngangifuna ukuthuthukisa abantu bami yikho ngathatha izinqumo ezithile empilweni yami.”
Kusobala ukuthi iChiefs yamthola ngesikhathi esikahle uRama, ezama ukushintsha impilo yomndeni wakhe.
“Ngivela lapho sasingenalutho, ngakho izinqumo engazithatha ngangesaba ukuthi uma ngingabathuthukisi abantu bami, ngibase esikoleni, babeyohlale bewumthwalo wami njalo,” kuqhuba uMphahlele.
“Kwakumele ngingathe izinqumo ezithile ukuze bona (izingane zakwabo) baye esikoleni.
“Ngemuva kokushiya iSundowns ngase ngikwazi ukubayisa esikoleni.”
UMphahlele ufike wadlala kahle kuMakhosi, nakhona wagcina egqoka ibhande likakaputeni.
Ushiye kwiChiefs ngo-2022 wajoyina AmaZulu FC. KuSuthu uphinde waqhubeka nokuba umholi, egqoka ibhande likakaputeni.
Ngemuva kweminyaka engu-20 uMphahlele usethathe isinqumo sokuwakhweza emgibeni amakhokho akhe.
Ugcine ukubonakala enkundleni edlalela i-Orbit College, ebingomakoti kwiBetway Premiership, ngesizini edlule.
URama udlalile eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, kanti nakhona ubukhombisile kakhulu ubuholi bakhe.
“Sengiqedile ukudlala ibhola, alikho iqembu engibheke ukudlala kulona. Senginqume ukuthi khumu ngemuva kweminyaka engu-20,” kuphetha uMphahlele oseneminyaka engu-36.

