Ingosi

UMBONO: ISAFA ayihlukane ‘nokweshela ingcwayi ezikhukhumezayo’ ewuPitso Mosimane

SIHLE NGUBO

Uma weshela ingcwayi kuyinto ejwayelekile kakhulu ukuthi ungasheshi udikibale, ulokhu uqhubekile nokweshela yize isuke ibhala icisha (ingcwayi).

Kakade awusoze ulindele ukuthi ingcwayi yakwabo enhle, ehloniphekile nefunwa cisho izinsizwa zesigodi sonke, ivele ikugaxe ucu nje kalula kanjalo.

Nokho uthando, ukubekezela nesifiso sokuba nale ngcwayi, kuyaye kulokhu kwehla uma yona ifuna okungaphezulu kwalokho ongayinika kona, futhi ikhombisa ukuzithwala.

Umuntu uyamyeka-ke noma uzifela ngaye, uma ekhombisa ukufuna ukuncengwa ngokweqile, futhi ezibona engcono kunazo zonke izingcwayi ezikhona.

Ngeke ngithi ngazi konke mayelana nokuthi iSouth African Football Association (SAFA) noPitso Mosimane, yini eyenza ukuthi bengavumelani ngokuthi lo mqeqeshi ayocija iqembu lesizwe, iBafana Bafana.

Nokho kuke kwavela ukuthi uJingles, njengoba aziwa kunobhutshuzwayo eNingizimu Afrika, akenelisekile ngemali ebekwa yiSAFA etafuleni.

Ngike ngezwa futhi kuthiwa kukhona ukungavumelani ngethimba labaqeqeshi azosebenza nalo uMosimane.

Kuthiwa iSAFA ifuna aqhubeke nokuba yiphini uHelman “Ncane” Mkhalele, nabanye abebekhona ngesikhathi kusaqeqesha uHugo Broos, ukuze kuqhutshekwe nomgqigqo omuhle eqenjini lesizwe.

Nokho kuyaziwa ukuthi uMosimane uhlale enethimba lakhe lapho ehamba khona njengomqeqeshi.

Okwakamuva engisanda ukukuzwa ukuthi uMosimane ufuna ukukhokhelwa (eceleni) uma egqoke ama-tracksuit eBafana Bafana anabaxhasi i-Adidas neStandard Bank.

Ngiyawahlonipha kakhulu amagalelo kaMosimane kunobhutshuzwayo kodwa uma konke lokhu okuthiwa uyakufuna kuyiqiniso, hhayi angamane ahambe ashone.

Angisho ukuthi lo mqeqeshi, oseke wenza kahle neMamelodi Sundowns kanjalo ne-Al Ahly, kumele anikwe amakinati ekubeni uBroos ubehola kahle.

Kodwa nginakho ukubona ukuthanda kakhulu imali nokuzithwala kuMosimane, ongabe engaqali ukucija iBafana Bafana.

Ngiyazi ukuthi uMosimane usekhule kakhulu kwezokuqeqesha, uma kuqhathaniswa nesikhathi esajica iBafana. Kodwa akuvumi ngikhohlwe ukuthi wehluleka hlu ukwenza into ebonakalayo eqenjini lesizwe phambilini.

UMosimane, njengengane yasekhaya, bengilindele ukuthi athathe umsebenzi wokucija iBafana Bafana kodwa angaqhubi izidingo zakhe kakhulu phambili.

Yebo ibhola liyibhizinisi nomsebenzi kodwa sengathi uMosimane usenza kakhulu, uma konke okushiwoyo ngaye kuyiqiniso.

Uma iSAFA noMosimane bengavumelani, akubhekwe omunye umqeqeshi ngoba nesikhathi siyahamba.

Kimina uMosimane ufana nengcwayi efuna ukuncengwa ngokweqile ngoba izazi ukuthi yinhle futhi ifunwa yinqwaba yezinsizwa.

Akasale kanjalo nokuziphakamisa kwakhe vele sengathi ubengakasayini lutho neSAFA. Shwiii!