IBetway Premiership

ISuperSport ibuyise zivutha amalangabi izinduku kwiChiefs

 SIHLE NGUBO 

ISuperSport United ibuyise izinduku kwiKaizer Chiefs iyishaya ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.

Amakhosi abeye kulo mdlalo eyizimfivilithi kulandela ukushaya Amatsatsantsa a Pitori ngo 4-0 emdlalweni weCarling Knockout ngempelasonto edlule.

Nokho ezikaGavin Hunt zithe kulokhu umbani ngeke udlalele endaweni eyodwa kaningi, zaminca kwaze kwaba sekugcineni.

BekuyiChiefs ebiphethe imidlalo emizuzwini yokuqala kodwa ibingafiki emapalini eSuperSport. Kuphoqelekile ukuthi iChiefs ifake ukaputeni wayo uYusuuf Maart ngemuva kokulimala kuka-Edilson Castillo.

Kuthe sekungathi zizoya ekhefini kungu 0-0 yalithunga kamnandi iSuperSport yathola uTashreeq Morris eyedwa, walibeka phakathi ngomzuzu ka-44.

Ngesiwombe sesibili iChiefs izenzile izinguquko eziningi kodwa igoli langavuma ukuqhamuka.

ISuperSport beyithola igoli lesibili kuphela kule sizini kanti newini bekungeyesibili.

Ngasohlangothini lweChiefs bese ishaywa okwesibili kulandelana emidlalweni yeligi. Igcine ishaywe elinye iqembu lasePitoli, iMamelodi Sundowns, ngo 2-1 ngaphambi kokuzobhekana neSuperSport.

Lokhu kuzibuyisela emuva ezikaNabi njengoba izimbangi i-Orlando Pirates neSundowns besayinqobe yonke eyabo eyeligi.