Uyingwenya lo Ngwenya woSuthu ekushayeni amagoli
SIHLE NGUBO
Umgadli waMaZulu FC, uThandolwenkosi Ngwenya, ukhombisa ukuthi usemdlandleni wokuphoqoza amarekhodi kwiBetway Premiership njengoba kusanda kuqala isizini entsha.
Lo mgadli, odabuka eZimbabwe, ukwenza kubukeke kulula kakhulu ukushaya igoli, selokhu kuqale isizini ka-2026/2027.
UNgwenya ukhombisa ubungwenya obukhulu njengoba esehlohle amagoli ayisithupha emidlalweni emihlanu yeBetway Premiership.
Yize Usuthu luphume kuma-quarterfinal kwiMTN8 kodwa uNgwenya ubeke enethini amagoli amabili kulo mqhudelwano.
Usuthu lunyukele endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership, ngemuva kokushaya omakhelwane iRichards Bay FC ngo 2-1, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesihlanu ebusuku.
UNgwenya uyena oshaye igoli lokuqala laMaZulu, nokuchaza ukuthi lo mdlali useshaye igoli kuyo yonke imidlalo aseyidlalile kule sizini.
Elinye igoli loSuthu lishaywe uNkosikhona Radebe, kanti elokubika ekhaya leNatal Rich Boyz kube yiphenathi ebekwe enethini uMoses Mthembu.
UNgwenya, oneminyaka engu-23, ubengashaya igoli lesibili kulo mdlalo kodwa wageja ithuba elilula kakhulu eliphume eceleni kwepali.
Umqeqeshi woSuthu, u-Arthur Zwane, ubona lo mgadli esazoshaya inqwaba yamagoli kule sizini.
“Nangesizini edlule, uma ubheka kahle, ukube akalimalanga ngicabanga ukuthi ubezosisiza kakhulu,” kusho uZwane emasontweni edlule.
“Ngebhadi ubengekho izinyanga ezimbili nohhafu zesizini, lapho besimdinga khona kakhulu.
“Wayevele esenamagoli ayisithupha futhi kaningi wayethola ithuba lokubhekana nonozinti (ngesizini edlule) kodwa akazange awasebenzise lawo mathuba.
“Ngaze ngathi kubona ngesizini edlule, ngaphambi kokuthi alimale, kwakumele ngabe unamagoli angu-12 noma angu-14.
“Yinto enhle ukumbona eshaya amagoli. Into ekhathazayo ukuthi akukwazi kube uyena yedwa osishayela amagoli.”
UZwane izophinde abheke amagoli kuNgwenya uma Usuthu selubhekene neMarumo Gallants, emdlalweni weBetway Premiership ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

