Izinsolo ezingezinhle ngeRoyal AM ‘engakhokheliwe’
Alfred Ngubane
Kunephunga elibi elilandela uShauwn “MaMkhize” Mkhize ngokungathembeki kwakhe ekugcineni izimfanelo zokuthenga kwakhe iBlomefontein Celtic.
Impempe ithole ukuthi usomabhizinisi owayengumnikazi weBloemfontein Celtic, uMax Tshabalala ukhala isililo senkawu encelisayo ngoMamkhize.
Kuvela ukuthi ukweletwa izizumbulu zemali njengoba amdayisela amaqembu amabili okuyiBloemfontein Celtic neBloemfontein Celtic Ladies.
Lo somabhizinisi waseFree State Impempe imfonelile kodwa ayangamthola. Kodwa kudlule isikhashana wafona yena ngoba ebone ukuthi ubeke wathintwa.
Kodwa kuthe uma ebuzwa ngalezi zindaba zokuthi uyakweletwa, wavele waluvala ucingo engaphendulanga. Imizamo yokumfonela ayizange iphumelele njengoba ebengasaluphenduli.
Nokho ke kucace okwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi kukhona okushaya amanzi futhi uyalwazi lolu daba.
Umthombo weMpempe osondelene noTshabalala ukuvezile ukuthi yindaba angafuni ukuphemla ngayo esidlangalaleni okwamanje.
“Banesivumelwano abanaso kanti yize singasalandela ngendlela efanele, akakafuni ukuba yaziwe ngabantu leyo ndaba okwamanje,” kusho lo mthombo.
“Kodwa khona uyakweletwa impela futhi imali eningi noma ngingazi ukuthi malini.”
Kuzokhumbuleka ukuthi iRoyal AM kumanje isecaleni elibi eligcine liyigwebile kwiFifa, eyanquma ukuthi kumele ikhokhele uSamir Nurkovic uR12-million.
Nokho isalidlulisele kwiCourt of Arbitration for Sport lilu daba lwayo futhi nesigwebo sokuthi ingabasayini abadlali ize ikhokhe le mali sisamisiwe.
Ziningi ke nezinye izikweletu zabadlali leli qembu elike labhekana nazo njengoba abadlali abafana noDominic Isaacs noPhilani Zikalala beke bakweletwa kuseyiRoyal Eagles.
Umthombo osondelene naleli qembu uthe liyabhubha yizikweletu futhi ukube kuya ngawo ngabe livele liyadayiswa nje kusemanje.
FUNDA NALA: Ayigculisanga iKaizer Chiefs ishaywa yiYoung Africans eTanzania
Imizamo yokuthola izimpendulo kwiRoyal AM ibingakaphumeli kodwa sizoqhubeka sizame ukuthola olwayo uhlangothi.