IBetway Premiership

Umqeqeshi weChiefs ubalula izindawo okumele bazilungise

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, usebalule izindawo lapho iqembu lakhe kumele lilungise khona yize linqobile emdlalweni ebeliwudlala ngempelasonto.

Amakhosi abuyele endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership, kulandela ukushaya iSiwelele FC ngo 3-2, eDobsonville Stadium, eSoweto, ngeSonto.

Amagoli eChiefs ashaywe uMfundo Vilakazi, uWandile Duba noFiaz Abrahams.

Nokho okugqamile ukuthi iChiefs yakhe inqwaba yamathuba kulo mdlalo kodwa yangawasebenzisa ngendlela.

Okunye okuyinkinga kwiChiefs ukudedela amagoli kalula selokhu kuqale isizini ka-2026/2027.

Lokhu kuyinto emkhathazayo lo mqeqeshi waseFrance, njengoba ezama ukushisa umbango wesicoco seligi neqembu lakhe.

“Sakhe amathuba abaningi kodwa sangawashaya amagoli,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo.

“Senze lokhu ngemuva kokuthi senze amaphutha. Asenzi ngendlela efanele uma sisebhokisini, uma sihlasela noma sivimba emuva.

“Sishoda ngabantu abazoba abaholi odongeni lwethu, ngakho sidinga ukukulungisa lokho bese sisebenze kakhulu.”

Iwindi lokuhwebelana ngabadlali lisavuliwe kuze kube uSepthemba 22. Lokhu kuchaza ukuthi lo mqeqeshi angazama ukusayinisa abadlali abasha.

Nokho lo mqeqeshi usanda kuveza ukuthi ugculisekile ngesikwati anaso, okuchaza ukuthi abekho abadlali abheke ukubasayinisa.

Mhlawumbe uzojatshuliswa ukuthi abadlali bakhe basemuva abebelimele sebeluleme.

Kulaba badlali kukhona uBradley Cross, uNkanyiso Shinga, uPaseka Mako noReeve Frosler. URushwin Dortley, ongadlalanga ngesizini edlule, naye useze walulama.

Emdlalweni olandelayo Amakhosi azobhekana nePolokwane City koweBetway Premiership, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.