IPirates isola obeyisebenzela iminyaka ‘ngokweba’ izigidi zemali
INTATHELI YEMPEMPE
I-Orlando Pirates seyinikele enkantolo ephakeme yaseGoli, ukuqinisekisa ukuthi awunyakazi nangengozi u-R20.2 million okuma-account aseStandard Bank, amataniswa nobeyimenenja yezezimali kwiBucs, uDarryl Joselowsky.Â
Ngokwamaphepha athunyelwe ngoSeptemba 22, uphenyo lwangaphakathi luveze ukuthi kunemali esolisayo ebikhokhwa, kanti kuno-R43 million ongene kulama-account, phakathi kuka-2016 no-2026.
Iqembu kuvela ukuthi lithathe izinyathelo zokunqanda lokhu, ngaphandle kokwazisa uJoselowsky, ngoba belisabela ukuthi imali ‘izomila izinyawo.’
IPirates ithi izofuna u-R20.2 million futhi izolifaka nakanjani icala.
Ayikho inkantolo eseyithole ukuthi kukhona obekungahambi kahle, futhi iqembu lithi ubambisene nalo njengoba konke kuqhubeka njengenjwayelo kwiBucs.
Ngokusho kwesitatimende esifungelwe esifakwe yi-commercial manager, uMpumelelo Khoza, uJoselowsky ubesebenza kwiPirates iminyaka engaphezulu kwengu-30, futhi bemethemba kakhulu.
“Njengemenenja yezezimali (uJoselowsky) uyena obebheke ama-account asebhange, ukuholelwa kwabasebenzi, nazo zonke izinto ezithinta imali,” kusho uKhoza.
“Lokhu bekuvumela lowo owengamele ezezimali ukuthi enze konke ngokuzimela nokukhululeka, kungadingeki ukuthi kube khona omunye asizana naye.”
Kube sekuvela ukuthi kuno-R20.2 million okhokhwe uyisigulukunqa, ngokungemthetho, kuma-account enganyelwe uJoselowsky, ngokubika kweTimesLIVE.
IPirates ikhiphe isitatimende lapho ichaze khona mayelana nalolu daba.
“Iqembu selicele inkantolo ephakeme ukuthi ibhekisise futhi imise imali kuma-account athile, ngesikhathi kuqhubeka uphenyo kuwona,” kusho isitatimende sePirates.
“Lokhu akusho ukuthi kukhona okutholakele okungahambi kahle, futhi akumele kubukwe kanjalo.
“Umuntu othintekayo ubambisene neqembu futhi iqembu lizimisele ngokuthi konke kuhambe ngendlela ekahle kubo bonke abathintekayo.
“Abalandeli bethu, esisebenzisana nabo nabaxhasi, singabaqinisekisa ukuthi konke kuhamba njengenjwayelo. Esigxile kukona yiqembu nesizini esikuyona.”
IPirates izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu weMTN8, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Amathikithi alo mdlalo adayise aphela esikhathini esifushane ngoLwesihlanu.

