EzakamuvaIbhola

UKhune uveza ingxoxo ekhethekile abe nayo noKaizer Motaung

Alfred Ngubane

Wazibona engokhethekile u-Itumeleng Khune ngesikhathi ebizelwa ehhovisi likasihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung ezonikwa inkontileka entsha. 

U-Itumeleng Khune uthi uMotaung wambonga ngokwethembeka kwakhe kuleli qembu kule minyaka engu-19 edlule. 

Lo nozinti oneminyaka engu-36 uhlanganisa iminyaka engu-20 edlala kwiChiefs kule sizini ka-2023/24. 

Zingebalwe ke izinkumbulo anazo kule minyakanyaka ekwiChiefs kodwa le yakamuva yokubizelwa ehhovisi lomphathi omkhulu yiyo emjabulisa kakhulu njengamanje.

“Wangitshela ngokuba mqoka kwami eqenjini nasekilabhini nje iyonke. Wabonga nemisebenzi emihle engiyenzele leli qembu kule minyaka ngikhona. 

“Ube esengicela nokuthi ngiqhubeke ukufaka iso bese ngikhulisa le genge esakhula eqenjini,” kuchaza u-Itumeleng Khune. 

Ubekhuluma ngesikhathi eseThekwini la iChiefs izovula khona isizini ngomdllao la izobhekana khona neChippa United eMoses Mabhida Stadium.

Lo mdlalo uzoba ngeSonto kanti uqala ngo-3 ntambama. Uthi usajabule ngokuba yingxenye yeChiefs athi ingumndeni ohlangene.

“Ngijabule kakhulu ukuba kulo mndeni weKaizer Chiefs yonke le minyaka ngoba kuningi engikufundile,” kusho yena. 

“Kuningi futhi nengikuzuzile njengomdlali njengoba ibhola ngalithanda kusukela ebuncaneni bami.” 

Ephawula ngabadlali abasha nomqeqeshi osand akuthatha lo msebenzi, uthi bazohlangana ngoba bayakubona okushodayo. 

“Siyazi lapho sibuthaka khona okumele siqinise khona – sonke abadlali nabaqeqeshi siyabona okumele kwenziwe.” 

Uphinde waveza nokuthi akazisoli neze ngokungalishiyi leli qembu. Uphawule nangokungaphumeleli ukuyodlala phesheya.

“Anginazikhalo ngokuthi angikwazanga ukuyodlala ngaphandle ngoba basho ukuthi ubude bami obungishayayo,” kusho yena. 

“Bathi bafuna onozinti abade. Ngicabanga ukuthi yize ngihlale la kwiChiegfs iminyaka engu-20, ngikwazile ukuthi ngisebenzise ithuba ukuzuza esengikuzuzile. 

“Angizisoli ngokuthi ngidlale eqenjini elilodwa impilo yami yonke. Ngiyalibonga nethuba abanginike lona. 

FUNDA NALA: Ugudle abeChiefs oweMoroka Swallows esayina uMhango

“Akwandele bani ukuthi uqede iminyaka engu-20 wenza into oyithandayo – okuwukudlala ibhola.”