ISharks ibheke ukunqoba okwesibili kulandelana kwi-URC
SIHLE NGUBO
Izobe ihlome ngamaBhokobhoko okukhona kuwona u-Andre Esterhuizen, ozohola iHollywoodbets Sharks emdlalweni wesibili weVodacom United Rugby Championship (URC), lapho izobhekana nompetha iLeinster, eHollywoodbets Kings Park Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-6.30 ntambama.
ISharks imemezele iqembu eliqinile elizodlala lo mdlalo njengoba kukhona amaBhokobhoko, okuzoliqinisa kakhulu iqembu.
UThomas du Toit no-Edwill van der Merwe, bazoqala umdlalo kanti u-Ox Nche, u-Eben Etzebeth no-Ethan Hooker, bazongena besuka ebhentshini.
Lokhu kufakwa kwabadlali abanamava kukhombisa ukuzimisela kweSharks, kulandela ukunqoba kwi-Ospreys emdlalweni wokuqala womqhudelwano.
Ngokusho kukakaputeni, uPhephsi Buthelezi, inselelo enkulu ukuthi bakhele kulokho abakukhombisile emdlalweni wokuqala, baphinde bakhombise ukuthi isikwati sesihambe kangakanani njengoba besilungiselela isizini entsha.
“Yindlela enhle kakhulu le esiqale ngayo, futhi iwumvuzo omuhle kuleli qoqo,” kusho uButhelezi.
“Sisebenze kanzima kakhulu ngesikhathi silungiselela isizini, futhi ukunqoba ngendlela esenze ngayo kube kuhle kakhulu.
“Sibheke indlela esidlale ngayo futhi sikholwa ukuthi besingenza kangcono kakhulu ngezikhathi ezithile zomdlalo. Kodwa kube yisiqalo esihle kulo khankaso wethu.”
Ukunqoba kweSharks ngoMgqibelo kungayinika ukuzethemba kakhulu ngaphambi kokuyodlala ekuhambeni kulo mqhudelwano.
“Leli sonto libaluleke kakhulu kithina. Kubalulekile ukukhombisa ukuthi sesihambe ibanga elingakanani nokuthi besikhuluma ngani.
“Sibe nobunzima njengoba besilungiselela isizini entsha futhi besikhuluma kanzima nangokweqiniso njengeqoqo.
“Siyazi ukuthi sifuna ukuyaphi futhi leli sonto lisinika ithuba lokuzikala sibhekene neqembu elivikela isicoco.”
Ibophele kanje iHollywoodbets Sharks:
1. Thomas du Toit
2. Esethu Mnebelele
3. Vincent Koch
4. Jason Jenkins
5. Darrien Landsberg
6. Phepsi Buthelezi
7. Manu Tshituka
8. Nick Hatton
9. Jaden Hendrikse
10. Vusi Moyo
11. Lili Bester
12. Andre Esterhuizen (ukaputeni)
13. Jurenzo Julius
14. Edwill van der Merwe
15. Luan Giliomee
Ebhentshini:
16. Ethan Bester
17. Ox Nche
18. Hanro Jacobs
19. Eben Etzebeth
20. Matt Romao
21. Ivan van Zyl
22. Zekhethelo Siyaya
23. Ethan Hooker

