EzakamuvaIBafana Bafana

Unozinti weChiefs usethubeni lokuya eMorocco neBafana Bafana

SIHLE NGUBO 

Unozinti weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, usethubeni elihle lokuya kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) eMorocco neBafana Bafana ngenyanga ezayo.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ememezela iqembu azokhetha kulona abangu-23 azogadla ngabo kulo mqhudelwano wase-Afrika, oqala ngoDisemba 21.

UPetersen uvimba kahle kuMakhosi selokhu kuqale isizini ka-2025/2026, ngakho kumfanele ukuheha iso labaqeqeshi beBafana Bafana.

Ungomunye wonozinti abangangenelwa amagoli kalula kule sizini, njengoba emidlalweni eyisikhombisa ayidlalile lingayithintanga inethi ibhola.

Lo nozinti uke wagxekwa kakhulu ngokwenza amaphutha abedlisa iChiefs kumasizini amabili edlule.

Nokho njengamanje ubukeka evuke wazithatha futhi ukuzimisela kwakhe sekwenze waqokwa njengokaputeni weChiefs, ngaphansi kwabaqeqeshi uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef.

Abanye abadlali beChiefs abakhona kulesi sikwati uBradley Cross, uMduduzi Shabalala noThabiso Monyane.

Lokhu kungase kuqede izinkulumo eziningi kubalandeli, ezisuka ngokuthi uBroos akababizi abadlali beChiefs ngoba engalithandi leli qembu laseNaturena.

UBroos uphinde wafaka kuleli qembu lakhe umdlali onamava uThemba Zwane weMamelodi Sundowns, okunokungabaza ngokuba umqemane kwakhe njengoba ebesazama ukwelulama ekulimaleni.

Isikhalo sabalandeli ngoThembinkosi Lorch, odlalela iWydad Athletic Club, akasinakanga uBroos njengoba lo mdlali engekho kuleli qembu.

Iqembu eliyomela iNingizimu Afrika eMorocco lizomenyezelwa yilo mqeqeshi waseBelgium ngoDisemba 5.

Ngemuva kwalokho iqembu lizoya ekhempini e-University of Pretoria ukuyokwenza amalungiselelo okugcina ngaphambi kokuya eMorocco.

IBafana Bafana izobhekana ne-Angola emdlalweni wokuvula we-AFCON ngoDisemba 22

Selilonke iqembu limi kanje:

Onozinti: Ronwen Williams, Ricardo Goss, Sipho Chaine, Renaldo Leaner, Darren Johnson, Brandon Petersen 

Izitobha: Khuliso Mudau, Fezile Ngcaba, Thabang Matuludi, Thabo Moloisane, Khulumani Ndamane, Mbekezeli Mbokazi, Aubrey Modiba, Ime Okon, Samukelo Kabini, Keegan Allan, Nkosinathi Sibisi, Malibongwe Khoza, Siyabonga Ngezane, Thapelo Morena, Tylon Smith, Fawaaz Basadien, Bradley Cross

Abasesiswini: Teboho Mokoena, Luke Le Roux, Bathusi Aubaas, Thalente Mbatha, Siphesihle Mkhize, Ndamulelo Maphangule, Masindi Nemtajela, Mthetheleli Mthiyane, Sphephelo Sithole, Siphesihle Maduna

Amafolosi: Oswin Appollis, Patrick Maswanganyi, Iqraam Rayners, Mduduzi Shabalala, Mohau Nkota, Themba Zwane, Lyle Foster, Puso Dithejane, Bongokuhle Hlongwane, Tshepang Moremi, Mhlali Mayambela, Ashley Cupido, Evidence Makgopa, Sipho Mbule, Keletso Makgalwa, Shandre Campbell, Relebohile Mofokeng, Elias Mokwana