UBroos ohlwini lwabayikha ngamafosholo imali kwi-Afcon
SIHLE NGUBO
Ubalwa nabaqeqeshi bamaqembu esizwe akwi-Africa Cup of Nations (Afcon) abahola kakhulu e-Afrika, uHugo Broos, ocija iBafana Bafana.
Ngokombiko ophanyekwe ekhasini laseZambia, uHugo Broos ukubaqeqeshi abayishumi abakhokhelwa imali enhle e-Afrika, okumanje bahola amaqembu abo e-Ivory Coast.
Kuvela ukuthi lo mqeqeshi (Broos) odabuka eBelgium, uhola u-€50 000 okuyimali engaphezulu kancane kuka-R1 million, ngenyanga, uma uyibuyisela emalini yakuleli.
Eqhulwini ziholwa umqeqeshi we-Algeria uDjamel Belmadi ngo-€208,000 ngenyanga, bese kulandela uRui Victoria we-Egypt ngo-€200,000.
Endaweni yesithathu kukhona uJean Louis Gasset we-Ivory Coast ngo-€108,000 ngenyanga, bese elanywe uJose Peseiro weNigeria ngo-€70,000.
UWalid Regragui weMorocco usendaweni yesihlanu ngo-€60,000 bese kube uHugo Broos weNingizimu Afrika ngo-€50,000.
Imidlalo ye-Afcon izoqala ngoMgqibelo ebusuku lapho kuzovula khona osokhaya i-Ivory Coast neGuinea Bissau. Iyoze isongwe ngoFebhuwari 11.
IBafana izodlala umdlalo we-Afcon wokuqala neMali ngoLwesibili.
Yilapho kuzocaca khona ukuthi indlela yeBafana ibheke kuphi kwi-Afcon.
Naba abaqeqeshi abayishumi abahola kakhulu kwi-Afcon:
FUNDA NALA: OweSwallows ugcone iSpurs kwi-X, bamjikela abalandeli
1.🇩🇿 Djamel Belmadi- Algeria €208,000 per month.
2. 🇪🇬 Rui Victoria- Egypt €200,000 ngenyanga
3. 🇨🇮 Jean Louis Gasset -Ivory cost €108,000 ngenyanga
4. 🇳🇬 José Peseiro – Nigeria €70,000 ngenyanga
5. 🇲🇦 Walid Regragui- Morocco €60,000 ngenyanga
6. 🇿🇦 Hugo Broos – South Africa €50,000 ngenyanga
7. 🇸🇳 Aliou Cissé – Senegal €46,000 ngenyanga
8. 🇬🇭 Chris Hughton- Ghana€46,000 ngenyanga
9. 🇨🇲 Rigobert Song – Cameroon €29,000 ngenyanga
10. 🇹🇳 Jalel Kadri- Tunisia€11,000 ngenyanga

