EzakamuvaIbhola

IKaizer Chiefs isigcine imtholile umgadli ebimfuna uthuli

Njabulo Shezi

Uzokwethulwa ngeviki elizayo njengomdlali weKaizer Chiefs umgadli leli qembu elisebenze kanzima ukugcina limtholile njengoba ebebangwa. 

IChiefs izisize ngokuthi ilandele indlela efanele, iye eqenjini elifanele ukuze igcine imtholile lo mgadli ongomunye wabenze kahle ngesizini edlule. 

Kuvela ukuthi seyizomethula kubalandeli ngeviki elizayo. Lo mgadli, uRanga Chivaviro beyimbanga neMarumo Gallants ebithi ungowayo. 

Kodwa iKaizer Chiefs yona imthenge kwiRichards Bay abesayine kuyo inkontileka yesethembiso ngoJanuwari. 

Inkinga bese kungukuthi iGallants yona yathatha imali ye-Orlando Pirates imdayisa kanyekanye noKatlego Otladisa. 

Manje beyisizama ukumlwela, yazama ukwelula inkontileka yakhe kwasho khona ukuthi seyedlulelwe yisikhathi sokukwenza lokho. 

Yikho lokhu okubambezele ukuthi iKaizer Chiefs ingakwazi ukumethula kuleli viki kodwa yena uke wabonakala emagcekeni ayo.

Kuvela nokuthi ngesikhathi abadlali beshutha nejezi elisha leKappa ngoLwesibili naye ubekhona lapho. 

“Yena usesayinile ngoba kuvunyelwene neRichards Bay njengoba nayo beyifuna u-Austin Dube kwiKaizer Chiefs,” kusho umthombo. 

Uthi kudayiselwene ngokuthi kube nemali nokushintshana ngabadlali. Ukumthola kweChiefs lo mgadli kuyishwebisile iPirates neYoung Africans nabo abebemfuna. 

Kuyaxaka ke nokho okwePirates ngoba ivele inenqwaba yabagadli kumanje. Mhlawumbe yingakho uChivaviro enqabile nje ukuya kuyo. 

Kuvela ukuthi watshela imenenja yakhe ukuthi ucela ukuya kwiChiefs noma iYanga hhayi iPirates ngoba ubona sengathi uzogcina elizwa ngendaba ijezi kuyo. 

FUNDA NALA: UPitso ujabule ngokucentela uJose Maurinho indlela 

KwiChiefs uyazi ijezi uzosheshe alithole njengoba leli qembu lishoda ngabagadli. Kumanje kuvele kuthiwa lizodedela uCaleb Bimenyimana. 

Nokho lokho sekubanjezelwe wukuthi kuneqembu laphesheya elimfunayo lo mgadli waseBurundi futhi sekuzolindwa ukubona libekani etafuleni kuqala.