EzakamuvaIbhola

ISwallows ifake iPSL ehlazweni elibi

Zilokhu ziqhubeke njalo izinkinga zeqembu leDStv Premiership iMoroka Swallows.

Kuqale kwavela ukuthi abadlali abaholile kwiSwallows emasontweni edlule, nokuyinto eyabika ngayo Impempe.

Kuyacaca ukuthi ikhona inkinga yemali nezinye njengoba ngoLwesithathu iPremier Soccer League (PSL) ithumele isitatimende esishaqisayo.

“I-Premier Soccer League seyaziswe ngokusemthethweni ukuthi iMoroka Swallows Football Club ngeke ikwazi ukuya emdlalweni weDStv Premiership obekumele iwudlale neMamelodi Sundowns ngoDisemba 27, nobekumele iwudlale neLamontville Golden Arrows ngoDisemba 30,” kusho isitatimende sePSL.

“Iligi idlulisa ukuxolisa okukhulu kubo bonke ebambisene nabo, kumbandakanya amaqembu, abezindaba nababukeli ngalesi simo esingesihle.”

Isitatimende sibe sesiphelela lapho kwangachazwa ukuthi yini ezovimba iZinyoni ukuyodlala le midlalo emibili yokuvala unyaka..