iDStv Premiership

‘Irivesi yomhlaba’ kudliwa i-Orlando Pirates eKapa

I-Orlando Pirates ishaye ‘irivesi yomhlaba’ ishaywa yiCape Cape Town ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership eCape Town Stadium, eKapa, ngoMgqibelo.

Okwenza kubukeke sengathi iBucs iBucs izigxobe ubhozo kulo mdlalo ukuthi iyona ebiphethe umdlalo eKapa. i-Orlando Pirates iye kulo mdlalo isendaweni yesihlanu futhi ikudinga ukuwina ngemuva kokushaywa yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 emdlalweni odlule ngoDisemba 30. Kube ngomzuzu ka-21 lapho iPirates ikhombise khona ukuthi ihamba nawo umdlalo ishaya igoli ngonyawo likaDeon Hotto. Nokho ayisizithelenga ngabandayo iCitizines njengoba uJuan Zapata waseColumbia eshaye elokulinganisa ngomzuzu ka-32. Lo mdlali ubesedlala umdlalo wakhe wesibili kwiCitizens kanti lapho ephuma khona eVenezuela ushaye amagoli angu-19.

FUNDA NALA: I-Arrows ishaye iSuperSport kwakhululeka iChiefs

Ngomzuzu ka-88 konakale konke uGonzalenz eshaya igoli elidle iBucs. Lokhu kuchaza ukuthi iBucs ivale unyaka odlule ngokudliwa, yaphinde yawuvula ngenduku. Ishaywe yiSundowns ngo 2-0 emdlalweni wokugcina ngoDisemba 30. Idlale iBucs kodwa ekwenzile akwanile ngoba iyehluleka ukunemba inethi.

Ngasohlangothini lukaZapata udlale kahle kakhulu emdlalweni wakhe wesibili eshaya igoli elibe nomthelela ukuthi bathole amaphuzu amathathu.

– Sdina Ngubo