Simangaze abaningi isinqumo sikaGareth Bale
Kumangale abaningi uGareth Bale waseWales ememezela ukuthi usewagaxa emgibeni amakhokho akhe kwezikanobhutshuzwayo.
UBale, oneminyaka engu-33, uthe usethi khumu ekudlaleni ibhola eqenjini lakhe kanjalo nakwelesizwe. Ubesedlalela iLos Angeles FC egijima kwiMLS, kanti ubekhona kwiNdebe yoMhlaba ka-2022 ebiseQatar lapho ebehola khona iqembu lesizwe laseWales.
Lo mgadli ugqame kakhulu kwiTottenham Hotspur kodwa uqale ukudlala ibhola kwiSouthampton e-England ngo-2006 kuya ku-2007. Ube esesuka kwiSouthampton ngo-2007 waya kwiHotspur ahlale kuyona kwaze kwaba ngu-2013. Ngemuva kwalokho ujoyine iReal Madrid ahlale kuyona kwaze kwaba ngu-2022.
NgoJulayi nyakenye ujoyine iLos Angeles FC ahlale kuyona izinyangana njengoba esememezela ukuthi usethi khumu ebholeni. Nokho uBale uwine izinto eziningi kakhulu edlalela iReal Madrid yaseSpain.
Lo mgadli uwine isicoco seligi iLaLiga kathathu, iCopa del Ray lapho ashaya khona igoli eliyohlala likhumbuleka bebhekene neBarcelona, iSupercopas de Espana kathathu, i-Uefa Supercupa kathathu neFifa Club World Cup amahlandla amane.
UCristiano Ronaldo wasePortugal akakasho lutho ngokubeka amakhokho akhe emgibeni yize eseneminyaka engu-37. URonaldo isanda kusayina eqenjini laseSaudi Arabia ngemali enkulu. Ngabe uBale utatazelile ukugaxa amakhokho emgibeni noma yingoba enesimo esithile angeke asichaze?
Sdina Ngubo