OwamaProteas ubona isifundo ngokubhonywa yi-Australia
Ukaputeni wamaProteas, uDean Elgar, uthi bafunde lukhulu ohambeni lwabo lwase-Australia yize iqembu lakuleli lishaye udaka.
AmaProteas ahambe ekamabuyaze emidlalweni yamaTest njengoba eshaywe ngo 2-0. Emdlalweni wokuqala ashaywe ngamawikhethi ayisithupha eBrisbane Cricket Ground, kwathi kowesibili ashaywa nge-innings nama-run angu-182 eMelbourne Cricket Ground. Umdlalo wokugcina uphele ingekho egobe uphondo eSydney Cricket Ground.
Okuhlaluke eqenjini lakuleli ukuthi belingenzi kahle neze ikakhulukazi uma libhetha. Lokhu kufakazelwe ukuthi akekho noyedwa umdlali wakuleli okwaze ukuhlanganisa ama-run angu-100. Ngasohlangothini lwe-Australia abadlali abafana noDavid Warner bebezenzela nje beshaya ama-run ngokuthanda kwabo.
“Sizothatha okuhle esikufundile kule midlalo ewuchungechunge yamaTest. Asijabulile ngendlela esidlale ngayo kodwa kumele sibheke phambili sizame ukukhuphula izinga,” kusho u-Elgar ngemuva komdlalo wokugcina ngeSonto.
Iqembu lakuleli kuzomele lizame ukubuyisa isithunzi ngokudlala kangcono emidlalweni emithathu yosuku olulodwa elizoyidlala nayo i-Australia. Lizoqala ngokubhekana nosokhaya eBlundstone Arena, eHobart, ngoJanuwari 12. Emdlalweni wesibili lizolibangisa eSydey Cricket Ground, eSydney, ngoJanuwari 14, kuthi kowokugcina la maqembu atholane phezulu e-Optus Stadium, ePerth, ngoJanuwari 17.
Sdina Ngubo