UBrevis ungu-AB ongangabazeki oyikusasa lamaProteas
UDewald Brevis, odlala ikhilikithi eneNkosi phakathi, ubukeka ezolingisa umdlali amthandayo u-AB de Villiers kulo mdlalo.
Lo mdlali obhethayo obizwa ngoBaby AB, ubonakala enekusasa eliqhakazile kakhulu kumaProteas ikakhulukazi uma kukhulunywa ngemidlalo yosuku olulodwa neyeT20. Njengoba kukhona iSA20 eqale ngoLwesibili eNingizimu Afrika, uBrevis udlalela iMumbai Indians Cape Town.
Imidlalo yeSA20 ivulwe iyona iMI Cape Town lapho ibibhekene nePaarl Royals eholwa uDavid Miller njengokaputeni. I-MI Cape Town iwine lo mdlalo ngamawikhethi ayisishiyagalombili kanti uBrevis ushaye ama-run angu-70 engaphumanga emabholeni angu-41 kulo mdlalo. Ushaye o-4 abane no-6 abayiyisthupha.
UBrevis, oneminyaka engu-19, akakwesabi nakancane ukushaya ibhola kungakhathalekile ukuthi ubani osuke eshwiba. Lo mdlali osemncane useke wanconywa uKagiso Rabada wamaProteas othe “ngiyajabula ukuthi ngizobe ngiseqenjini elilodwa naye ngingashwibi ngibhekise kuyena.” URabada naye ukwiMI Cape Town.
Kuyaziwa ukuthi uBrevis uyazifela ngo-AB kanti uma ebhetha wenza kanye kona lokho okwakwenziwa yile ngwazi ngezikhathi zayo kumaProteas nakwi-Indian Premier League (IPL). UDe Villiers akadlali kwiSA20 kodwa uzobe ekhona esakaza le midlalo edlalwa okokuqala eNingizimu Afrika kulo nyaka.
Ayisithupha amaqembu adlala lo mqhudelwano kanti lilinye lizodlala kabili nelinye. Ngemuva kwalokho amaqembu amane azoqeda phezulu azobhekana kweyandelula owamanqamu bese kudlalwa owamanqamu kuphume umpetha weSA20. Umqhudelwano uzodonsa amasonto amahlanu kanti kukhona nabadlali bakwamanye amazwe njengabase-England naseJamaica.
Sdina Ngubo